UKhoza uthi bayalusebenza olweChiefs, imidlalo iyaqhubeka

UKhoza uthi bayalusebenza olweChiefs, imidlalo iyaqhubeka
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usihlalo wePSL u-Irvin Khoza uthi bayalusebenza ngendlela efanele udaba lokugoloza kweKaizer Chiefs ukudlala ngempelasonto edlule.

IChiefs isuse isiphithiphithi ngesikhathi imemezela ukuthi yona ngeke ikwazi ukuqhubeka nemidlalo yayo yeDStv Premiership.

Lokhu bekulandela ukuthi ithole ukuthi inqwaba yabadlali, abaqeqeshi nabasebenzi abasondelene neqembu batholakale beneCovid-19.

Yabhalela iPSL icela ukuhlehliselwa imidlalo yayo kodwa yachithwa. Kulapho ke eyathi yona ngeke idlale.

Ukuthula kwePSL ngalolu daba bese kuqala ukubakhathaza abaningi kodwa ngoLwesibili uKhoza ugcine ephawulile.

“Yonke imidlalo yePSL iyaqhubeka,” kusho uKhoza kwabeSport24 ngale ndaba esisuse izimpikiswano eziningi.

“Siyalusebenza lolu daba ngendlela efanele, hhayi ngokuphapha. Sifuan ukulinika isineke esilufanele.

“Lolu daba seludluliselwe kithi, futhi ngeke ngikwazi ukukhuluma ngemininingwane yalo njengamanje.

“Kunencwadi eyabhalwa yiChiefs icela ukuhlehliselwa imidlalo, kodwa ngeke ngisho okuningi ngalolu daba ngoba lusasetshenzwa.

FUNDA NALA: IChiefs ibamba iyayeka izama ukubuyela enkundleni

“Njengosihlalo wePSL, kumele ngibonakale ngenza into efanele kuwo wonke amaqembu angu-32 ePSL.

“Ngeke ngikwazi ukuthatha isinqumo esithile ngoba sizongenza ngithandwe yingxenye ethile yabantu.

“Silusebenza ezingeni lesigungu esiphezulu sePSL lolu daba lweChiefs,” kucacisa uKhoza.

IChiefs sekuvele ukuthi seyijike ukucabanga njengoba seyilungela ukuya emdlalweni wayo neGolden Arrows ngoLwesithathu eThekwini.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.