UKhoza uveza ubuhlungu ngenhlekisa eyenziwa ngecala likaMeyiwa

UKhoza uveza ubuhlungu ngenhlekiya eyenziwa ngecala likaMeyiwa
U-Irvin Khoza ongusihlalo we-Orlando Pirates
Sbongs Gumbi

Usihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza usevuleleke ngobuhlungu abuzwayo ngokuthi kuze kube yimanje akwaziwa okwenzeka ngelanga kubulawa uSenzo Meyiwa.

UKhoza uthi ukuthi kuze kube yimanje akekho owazi iqiniso ngokwenzekwa ngo-Okthoba 27 okwaholela ekutheni kufe uMeyiwa, akumlalisi neze kahle.

UMeyiwa, owayewunozinti wePirates neBafana Bafana ngaleso sikhathi, wabulawa ngokudutshulwa kubobkaKelly Khumalo, owayeyintombi wakhe ngaleso sikhathi. 

“Angikutholi neze ukuphumula,” usho kanje uKhoza kwabeSunday World. “Kuyishwa lokhu esesikubona kwithelevishini kwenzeka nenhlekisa osekwenziwa yona.”

UKhoza usakhumbula nesikhathi esibuhlungu ngesikhathi esehambisa uMeyiwa kubo esesebhokisini lokungcwatshwa. Uthi kwaba buhlungu kakhulu kwazise uSenzo ukhulele phambi kwakhe.

“Ngeshwa, (ukufa kukaMeyiwa) kwenzeka ngesikhathi engukaputeni weqembu lami nelesizwe,” kuqhuba yena.

“Yingakho ngesikhathi sengimhambisa kubo ngafike ngabatshela abakubo ngathi: ‘Kuyangijabulisa ukunibuyisela indodana yenu, kodwa akungijabulisi ukuthi sengiyibuyisa seyishonile’.  

“Uma sebemtholile owenza le nto, ngothola ukuphumula emoyeni wami. Angikholwa wukuthi kumfanele lo mfana ukuba kwenzeke kanjena ngoba wayezithobile.

FUNDA NALA: Kukhala isicathulo sikaMotsepe manje ebholeni lase-Afrika yonkana

“Lo mfana wayefanelwe yizinto ezinhle. Wahlala isikhathi eside engalitholi ijezi kudlala uMoeneeb Josephs kodwa wawungeke umbone ecasukile ngenxa yalokho.

“Kwathi esethola ithuba wenza iphutha elibi sidlala ne-Ajax Cape Town. Wathi uzama ukubamba ibhola ngonyawo, laputsha ngaphansi layokhalakathela enethini.

“Lokhu kwakungamkhuba emoyeni. Kodwa wasuka lapho wafike wenza izimanga evimba amaphenathi amabili sibhekene neTP Mazembe.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.