UKhoza uzokhuluma ngoMsombuluko, kulindeleke axazulule olweChiefs

UKhoza uzokhuluma ngoMsombuluko, kulindeleke axazulule olweChiefs
U-Irvin Khoza
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usihlalo wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin Khoza uzokhuluma nabezindaba ngoMsombuluko la kulindeleke aphendule khona imibuzo ngezindaba ezisematheni ezithinta le nhlangano.

Kuningi iPSL okumele iphawule ngakho kodwa evele yanyamalala sengathi indoda ethole ibhonasi.

Ngokwesimemo sePSL esibhekise kwabezindaba, kulo mhlangano uzobe ezokwenza isimemezelo esithile bese abezindaba bavulelwe ukubuza.

Yize kuseyimfihlo ukuthi yini le engaka ezobe izomenyezelwa uKhoza, kodwa Impempe ike yabika ukuthi iPSL isanda kuqasha uZola Majavu njengomshushisi.

Kungenzeka ke uKhoza amemezele yena ngokusemthethweni bese becacisa nangokuzokwenzeka ngokuhluleka kweKaizer Chiefs ukuya emidlalweni yayo yeDStv Premiership.

FUNDA NALA: Ingase ibuyele enkundleni iChiefs ngeSonto

Amakhosi awazange alubhade eFNB Stadium la bekumele ibhekane khona neCape Town City ngoMgqibelo odlule.

NasePrincess Magogo Stadium KwaMashu ilindwe kwaze kwacishe kwasa njengoba bekufanele iyobhekana neGolden Arrows ngoLwesithathu.

Ukungayi kweChiefs kule midlalo kuphambane nemithetho nemigomo yePSL kanti kulindeleke ibekwe icala ngalokhu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.