UKhoza wethule umqhudelwano omusha wamaqembu ePremiership

U-Irvin Khoza
Sihle Ndlovu

Amaqembu eDStv Premiership azothola ithuba lokudlala kwiCarling Black Label Cup ezokuba ngoNovemba 12 ngesikhathi sekhefu leNdebe yoMhlaba.

Lokhu kumenyezelwe usihlalo wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin Khoza esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu ekuseni. Ngokusho kukalo sihlalo le ndebe izodlalwa amaqembu amane njengoba kwakwenzeka kusekhona iCharity Cup eminyakeni edlule.

“Wonke amaqembu angu-16 ePremiership analo ithuba lokudlala lo mqhudelwano njengoba ezovotelwa. Nokho angikazi ukuthi kuzovotwa kanjani, konke ngizokushiyela abaxhasi bethu iCarling Black Label abazochaza konke ngoSepthemba,” kusho uKhoza.

Nokho ukuvezile ukuthi amaqembu amane azodlala lo mqhudelwano azothola u-R2million lilinye bese kuthi elizodla umhlanganiso lithole u-R2million ngaphezulu. Umlandeli onenhlanhla uzoziwinela u-R500 000 bese athole omunye u-R500 000 azowusa esikhungweni sabaswele asithandayo.

“ICarling Black Label ize kithini siyiPSL yathi ibona kungekuhle ukuthi kuthule nje kulo nyaka ikhona. Uzokhumbula ukuthi sisanda kwethula iCarling Black Label Knockout ezoze idlalwe ngesizini ezayo, ezongena endaweni yeTelkom Knockout,” kuchaza uKhoza.

Ukucacisile ukuthi iCarling Black Label Cup ezodlalwa ngoNovemba kuzoba yinto ezokwenzeka kanye kuphela. Ebuzwa ngokuthi yini ingahlale yenziwa njengeCharity Cup yakudala, uthe bebengakakubhungi lokho. Uphinde wagcizelela ukuthi iCarling Black Label Cup ebidlalwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ayingenanga esikhaleni seCharity Cup kodwa yaziqhamukela eceleni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *