Ukhulumise okwebutho ephaka impi yeSundowns uMothwa woSuthu

UVeli Mothwa waMaZulu FC

MTHOKOZISI MNCUSENI

Ngeke kuwasize ngalutho AmaZulu FC ukugcina ngokukusho ngomlomo ukuthi anquma kwasani olubekwa phambi kwawo esibayeni sawo bese kuthi uma kufika amaqembu athathwa njengamakhulu kuthombe okhiye.

Lawa amazwi asakuphaka impi kaVeli Mothwa ongunozinti woSuthu awasho ngesikhathi enaba ngezinhlelo zabo zomdlalo wabo olandelayo weligi.

Umqoka ngendlela engachazeki lo mdlalo ngoba kuwo AmaZulu abhekene neqembu okuyilo lodwa elingaphambili kwawo kwilogi yeDStv Premiership, iMamelodi Sundowns. Lo mdlalo ungoLwesithathu ngo 3 ntambama, eJonsson King’s Park, eThekwini.

“Engithanda ukukuqhakambisa ukuthi igama leqembu alidlali enkundleni. Ukuthi igama lakho ungubani yinto engasho lutho uma sekuqale umdlalo.

“Indaba iphakathi kwabadlali abangu-11 zinhlangothi zombili. Siya kulo mdlalo ngokukhulu ukuzethemba futhi siyaqonda ukuthi uhlukile kancane kweminye.

“Lokho akusho ukuthi kufanele senze izinto ezintsha kodwa sizoqhubeka nje nokuhlela ngendlela esijwayele ngayo,” kusho lo nozinti osayinwe wuSuthu esuka kwiChippa United.

Akumethusi ukuthi Usuthu luzithola lukule ndawo olukuyo, kwazise lujwayeleke lule ezansi livika izembe ngalesi sikhathi sesizini.

“Umlando uthi AmaZulu awajwayele ukuba kule ndawo akuyo ngalesi sikhathi sesizini kodwa kithi cishe sonke yinto engasho lutho leyo ngoba sibona ithuba lokuzibhalela owethu umlando.

“Asikho isidingo sokuxhamazela manje ngoba sithuswa yindawo esikuyon. Kungaba ichilo lokhu ngoba kusukela kufike uBenni (McCarthy) sonke siyazi ukuthi siyaphi.
“Ukuba sendaweni yesine noma ngaphezulu kuyisibusiso kithi futhi kufanele siziqhenye ngakho ngoba kungenxa yokuzikhandla kwetthu.

“Kubafanele ukujabula ngendawo esikuyona abalandeli kanjalo nalabo asebebe neqembu isikhathi eside kodwa okusemqoka ukungaqhuzuki manje,” kuqhuba uMothwa.

Lo nozinti oseke abizwe nakwiBafana Bafana uthi iSundowns izoba isivivinyo esikahle ukubona ukuthi abagcini yini ngomlomo ukuthi enkundleni yabo baqhobozela kwasani.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.