UKhumalo uya kude kwezokusubatha, ufisa ukudla iNew York Marathon

UKhumalo uya kude kwezokusubatha, ufisa ukudla iNew York Marathon
USibonelo Khumalo
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Kubatshazwa ikhono lomsubathi osemncane wase-Estcourt eHlathikhulu uSibonelo Khumalo ogijimela iHarambe 2040 Athletics Club.

Lo msubathi oneminyaka engu-19 futhi ongumfundi eHlathikhulu High School ufike kwazwakala kwezokusubatha kuleli.

UKhumalo usengumpetha ebangeni lika-5 000km kuzwelonke kanti uphinde wagila izimanga engena endaweni yesibili kwiCross Country Championships ebiseThekwini ngempelasonto.

LO mfanyana utshele Impempe ukuthi ufuna ukuphakamisa indawo yangakubo kwezokusubatha.

“Indawo yangakithi ayaziwa ngalutho kanti leli yithuba lokuthi ngiyibeke ebalazweni,” kusho uKhumalo.

“Ukusubatha ngakuthanda ngibukela umfowethu omdala kunami obengumgijimi nami ngabe sengingena kukho.”

Uveze ukuthi kubasubathi abakhonzile nafisa ukufika ezingeni labo ngoSteven Mokoka noPrecious Mashele.

UKhumalo uzwakala ekhuluma futhi abonakale noma ehamba ukuthi uyinsizwa ezethembayo futhi ekholelwayo ekhonweni layo.

FUNDA NALA: UMosele uvele wanyamalala kumele aye kwiBafana

Phakathi kwezifiso anazo wukumela iNingizimu Afrika kuma-Olympics aphinde anqobe nasemidlalweni kazwelonke eminyakeni ezayo.

“Isifiso sami esikhulu wukuthi ngigijime imijaho emikhulu ngengalo waseNew York, owaseBerlin nowaseLondon,” kulanda yena.

Kule mpelasonto uKhumalo uzobe ebheke ukuqhubeka nokugila izimanga uma esegijima kumaKZN Youth Championships.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.