UKhumbulani Mdletshe ufuna ukuyoliphanyeka emsamo ibhande leWBF

UKhumbulani Mdletshe ufuna ukuyoliphanyeka emsamo ibhande leWBF
UKhumbulani Mdletshe
Alfred Ngubane

UKhumbulani “Flint” Mdletshe usethembise ukunqoba ibhande lakhe lokuqala leWorld Boxing Federation athi ufuna ukuyoliphanyeka emsamo ekhaya kubo kwaMaNkosi.

Ukhuluma kanjena nje uKhumbulani uzohlubulana nensizwa yaseLimpopo uLybon Ntshani empini yesicoco seWBF All Africa esisindweni seWelterweight KwaNongoma Multi-Purpose Centre.

Impempe ihambele lapho kuziqeqeshela khona lo mshayisibhakela waseMpangeni yamfica ejulukile njengoba elungiselela le mpi.

“Njengamanje yisikhathi sokunqoba lesi kimi,” kusho uKhumbulani. “Sesiside isikhathi ngilambele ukunqoba ibhande.

“Sengikulungele ukuthi ngimxubhise ngegazi lo mfokazi waseLimpopo,” kusho eyaseMdletsheni sakuchoma okuyinto ejwayelekile kubashayisibhakela.

Le mpi kaKhumbulani ibhekwe ngabomvu amehlo ngoba selokhu aqala ukudlala KwaNongoma usazinqobe zonke izimpi zakhe.

FUNDA NALA: UNcikazi usevumile ukuthi iligi sekungeyeSundowns kule sizini

Uphinde waveza ukuthi le mpi izomvulela amasango okulwela amabhande omhlaba nelakuleli aseke walizama kodwa wehluleka.

Kumanje usebenza kanzima njengoba ephekwa nguSizwe Mthembu noZwilenkosi Magudulela eThekwini Boxing Gym.

Elinye ibhokisa elibhekiwe kulezi zimpi ezihlelwe yiLudonga Boxing Promotions ngu-Anele Kunene waseMnambithi ozotholana phezulu noGeorge Ndulo.

UKunene ngelinye lamabhokisa athembisayo aKwaZulu-Natal kanti usezakhele igama ngokushaya isibhakela esinenkosi phakathi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.