Ukhumbule amazwi kabizo wakhe oweRichards Bay esibheke entanjeni

Ukhumbule amazwi kabizo wakhe oweRichards Bay esibheke entanjeni
Alf Ngubane

Ukhumbule inkulumo kabizo wakhe uPitso Mosimane umqeqeshi weRichards Bay uPitso Dladla njengoba sezibheke entanjeni kwiGladAfrica Championship.

UmfokaMasimane wayevamise ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ungayi naselavathi uma sekunje ngoba ungabuya sewusele emuva ngoba sekushubile nje.

NoDladla utshele Impempe ukuthi yonke le mimdlalo ebasalele eyamanqamu ngoba abafuni baphinde bakhubeke ekugcineni njengangesizini edlule.

Ubekhuluma kulandela ukushaya kwabo iHungry Lions ngo 2-1 okuwumphumela omkhulu kubo njengoba usubanike igebe lamaphuzu amabili kwi-University of Pretoria ebahleli ezithendeni.

AmaTuks wona adlale ngokulingana ngoLwesihlanu neJDR Stars kwayona esazibhekile kulesi sicoco uma laba abaphambi kwayo bengaqhuzuka.

Kuzophela le mpelasonto wonke amaqembu adlala kulesi sigaba esesalelwe imidlalo emithathu kuphela kusongwe isizini.

“Kade silokhu sicasha ngesithupha ekutheni siphumele obala ngokuthi siyafuna ukunqoba iGladAfrica… Besilokhu sithi sibhekana nomdlalo ngamunye.

“Manje siphumela obala siyafuna ukuyinqoba. Njengoba besidlala ne-University of Pretoria lapho sidliwe khona, usihlalo (uSifiso “Jomo” Biyela) ulande umeluleki wegqondo ukuthi aluleke abadlali bangalilahli ithemba.

“Phela kuvele kwavuka izinkumbulo zokwenzeka ngesizini edlule,” kusho uDladla. INatal Rich Boys yakhubeka ekugcineni ngesizini edlule.

FUNDA NALA: Iphinde yaba yizimpelesi iSundowns isala endleleni kwiChampions League

UDladla uphinde wacacisa ukuthi awukho umdlalo lapho bedinga ukukwenzelwelwa khona njengoba insimbi ishisa nje manje.

Emdlalweni olandelayo leli qembu lizotholana nezimbangi zalo zaseKZN Uthongathi FC kanti lo mdlalo unzima kuwo womabaili lamaqembu.

UDladla ke yena uvele unenxa neCane Cutters njengoba axoshwa kuyo ngesizini edlule njengoba esebheke ukufaka iBay ezweni loju nezinyosi nje.

Endaweni yakhe kuThongathi kwangena uPapi Zothwane owayeyiphini lakhe. Lo mdlalo kufanele ukuthi uzoheha nenqwaba yabalandeli njengoba sekuyileso sikhathi sesizini la kungancengwana khona nhlobo.

Lo mdlalo uzoba seKing Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu lomhla ka-29 ku-Ephreli ngo 3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.