UKhune ubuyele kwiBafana yize ehlelwe yifomu

Abadlali beBafana Bafana

OKADONGA GUMBI

Ubuyelile eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, unozinti weKaizer Chiefs oshaya udaka kulezi zinsuku, u-Itumelng Khune. Ememezela iqembu lakhe elizobhekana neGhana ngoMashi 25, umqeqeshi weBafana uMolefi Ntseki uthe uKhune ubalulekile.

“UKhune ukhona eqenjini ngenxa yamava akhe, futhi usebuyele esikimini nakwiKaizer Chiefs,” kusho uNtseki ngoLwesine.

“Asikwazi ukuvele sithathe onozinti abasha bodwa… Abanye onozinti abazoba kuleli qembu ngoVeli Mothwa noRonwen Williams,” kuqhuba uNtseki.

NgoLwesine ekuseni uKhune ubengundabuzekwayo kwiTwitter njengoba kuputshuke i-video emkhombisa esendaweni yobumnandi, okwenze wasolwa kakhulu ngalokhu ikakhulukazi njengoba ehlelwe yifomu.

UMothwa, odlala kuMaZulu FC afike kuwo esuka kwiChippa United ngoJanuwari, uzobe ekwiBafana okokuqala kanti uqokelwe ifomu yakhe enhle Osuthwini.

UNtseki ubuyise nabanye abadlali osekunesikhathi bagcina ukubokanala eqenjini lesizwe okukhona kubo uSiyanda “Magazi” Xulu osedlala e-Israel, Rivaldo Coetzee weMamelodi Sundowns noSifiso Hlanti weSwallows FC.

Abanye abangajwayele kuleli qembu abangenile ngoBen Motshwari we-Orlando Pirates, Ruzaigh Gamaldien weSwallows, Craig Martin weCape Town City, Sipho Mbule weSuperSport United noLyle Foster odlala eFrance.

Ubazibile nokho abanye abadlali abebebhekiwe kuleli qembu lakhe kwazise basefomini enhle emaqenjini abo kwiPremier Soccer League. Phakathi kwabo kukhona uPule Mmodi weLamontville Golden Arrows noMduduzi Mdantsane weCape Town City.

Selilonke iqembu lithakwe kanje:

Onozinti: Veli Mothwa (AmaZulu FC); Ronwen Williams (Supersport United FC); Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs FC)

Izitobha: Thibang Phete (OS Belenenses, Portugal); Siyanda Xulu (Haopel Tel Aviv, Israel); Thulani Hlatshwayo (Orlando Pirates); Mosa Lebusa (Sundowns); Innocent Maela (Orlando Pirates); Sifiso Hlanti (Swallows); Thapelo Morena (Sundowns); Craig Martin (Cape Town City)

Abaseswiswini: Rivaldo Coetzee (Sundowns ); Themba Zwane (Sundowns); Thulani Serero (Al Jazira FC, Abu Dhabi); Ben Motshwari (Orlando Pirates); Bongani Zungu (Rangers FC, Scotland); Keagan Dolly(Montpellier FC, France); Percy Tau (Brighton and Hove Albion, England); Sipho Mbule (Supersport United); Andile Jali (Sundowns); Luther Singh (Paços de Ferreira,Portugal); Dean Furman(Carlisle United FC, England)

Abagadli: Kermit Erasmus (Sundowns FC); Bradley Grobler (Supersport United); Ruzaigh Gamildien (Swallows FC); Lyle Foster (Victoria Guimaraes, Portugal)

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.