UKhune ufakwe kwabathenjiwe ekushayeni amaphenathi kwiChiefs

UKhune ufakwe kwabathenjiwe ekushayeni amaphenathi kwiChiefs
U-Itumeleng Khune
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Abalandeli basengaqhubeka bavotele abadlali ababathanda kwiCarling Black Label Cup yize ukudayiswa kotshwala kuvalile bengakwazi ukuthenga ubhiya ukuze bavote.

Lokhu kuqinisekiswe abakwaCarling Black Label ngesikhathi bekhuluma nabezindaba eFNB Stadium, eGoli, ngoLwesithathu emini.

Abalandeli bangavota kwiFacebook yeCarling Black Label Cup kanjalo nakwiTwitter yayo, mahhala. Bangangena futhi bakwi-website bazitike ngokuvota kuze kube ngoLwesibili oluzayo.

Umdlalo weCarling Black Label Cup, phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs uzodlalwa ngo-Agasti 1 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Kungokokuqala lo mdlalo ungadlalelwa eFNB kanti lokhu kwenzeke ngoba kunomdlalo webhola lombhoxo ozoba seFNB ngempelasonto efanayo. Futhi vele ngeke babe khona abalandeli ngenxa yokudlanga kweCoronavirus.

Abalandeli sebevotile kakhulu futhi kubukeka kukuncane okuzoshintsha kulezi zinsuku ezinhlanu ezizayo. Kubadlali abavotelwayo ukuthi uma kwenzeka kutholakale iphenathi emdlalweni kube uyena oyithathayo, kwiChiefs kuhamba phambili uSamir Nurkovic, kuze uKhama Billiat no-Itumeleng Khune.

Ukuba khona kukaKhune kulaba badlali kukhombisa ukuthi usathandwa ngabalandeli beChiefs, abambona efanelwe nawukushaya iphenathi. Nokho kunamahlebezi okuthi uKhune kungenzeka abe engasekho kuleli qembu ngaleso sikhathi.

KwiPirates kuhamba phambili uZakhele Lepasa, kulandele uGabadinho Mhango, bese kuvala ukaputeni uHappy Jele. Kulolu luhla kubukeka abalandeli beBucs behamba nokuthi ubani asebeke bambona eyibeka phakathi kalula iphenathi emidlalweni edlule.

Kubadlali abazoqala umdlalo bebonke womabili amaqembu aqinile futhi uReneilwe Lotsholonyane (Chiefs) noPhumudzo Manenhze (Pirates), abangamanxusa eCarling Black Label Cup ka-2021, bazwakale bejabule kakhulu.

“Iqembu eliboshelwe yiPirates yileli eliwine iMTN 8 ngesizini edlule, futhi uyazibonela nawe ukuthi liqinile. Akungabazeki ukuthi iPirates izowina,” kusho uManenzhe. Ube esebala umdlali ngamunye nokuthi unabuphi ubungozi uma esenkundleni.

FUNDA NALA: USibisi useqede konke nePirates, usezogijima kuyo ngesizini ezayo

“Kuyaziwa ukuthi u-Itumeleng Khune uhlale edlisela ogageni bonke abadlali uma kuvotwa. Ngicabanga ukuthi leli qembu lingakwazi ukudlala ngezindlela eziningi ezahlukene,” kusho uLetsholonyane. Nakulokhu bazobe bekhona abaqeqeshi bosuku yize abalandeli bezobe bengekho.

Okwamanje ami kanje amaqembu:

Pirates: Richard Ofori, Happy Jele, Thulani Hlatshwayo, Innocent Maela, Wayde Jooste, Thembinkosi Lorch, Vincent Pule, Ben Motshwari, Vincent Pule, Deon Hotto, Gabadinho Mhango, Zakhele Lepasa

Chiefs: Itumeleng Khune, Eric Mathoho, Daniel Cardoso, Reeve Frosler, Siyabonga Ngezana, Nkosingiphile Ngcobo, Njabulo Blom, Lebogang Manyama, Willard Katsande, Samir Nurkovic, Khama Billiat

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.