UKhune ukhala ngabasathuswe wudumo lokudlala kwi-Chiefs

UKhune ukhala ngabasathuswe wudumo lokudlala kwi-Chiefs
U-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs
Sbongs Gumbi

Ukaputeni weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uthi kunabadlali abavele bathuswe wukuthi sekufezeke amaphupho, sebedlala kuleli qembu bese begcina bengalisizanga iqembu.

UKhune uthi abanye bozakwabo bayahluleka wukwenza izimanga abazigila uma kujinywa uma sebesenkundleni, bavele bathithize kuthe kolamthuthu abagingqike nemoto.

“Angazi kujikaphi. Ejimini wonke umuntu wenza kahle endaweni adlala kuyo, kodwa uma sesisemdlalweni angazi kube sekwenzakalani emakhanda ethu,” kusho uKhune ngoLwesine.

“Ngicabanga ukuthi uma sesisemdlalweni asenzi okufanayo nalokhu esikwenza la ejimini. Yilokho nje okumele sigxile kukho manje.

“Okwamanje angazi ngithini… Angazi noma ngithi sisathuswe yinjabulo yokudlalela iKaizer Chiefs noma asikholwa wukuthi selize lafezeka iphupho kanti asikholwa.

“Kodwa kumele sidlule kulokho. Kumele sibone ukuthi manje sesikwiKaizer Chiefs ngakho kumele sidlale njengabadlali beKaizer Chiefs.

“Abalandeli lapha bahlale bebheke imiphumela emihle njalo nje. Yilokho osekushoda ukuthi omunye nomunye la kithi akwazi,” kucacisa uKhune. 

Uthe ukuphenduka imiphuphe okuphela isizini ishwiba izandla kweChiefs kuyamqwashisa ebusuku knti uzokwenza okusemandleni ukuhlangula iqembu kulesi simo.

“Kungiphatha kabi kakhulu. Wonke umdlali olapha kumele afake isandla ekuqinisekiseni ukuthi iqembu libuyela ekubeni ngelinye ladla izindebe njengakudala.”

Abanye banokusola ukuthi vele iChiefs ayisafani nakudala futhi seyivele isayine nje noma yimuphi umdlali okuyikho okuyehlise izinga.

FUNDA NALA: Kufezeke iphupho kuBUthelezi engena kwiBafana

Ebuzwa ngalokhu, uKhune ungene ezintangeni: “Mina ngeke ngikwazi ukuphawula ngohlelo olusetshenziswa yiqembu ukusayina abadlali abasha.

“Kodwa okusihlalele thina njengabadlali asebebadala eqenjini ukuqinisekisa ukuthi abafikayo siyabajwayeza futhi siyabafundisa ngesiko leqembu.

“Lokhu sikwenzela ukuthi bajwayele ukuze bakwazi ukusiza iqembu liye phambili,” kuchaza lo nozinti othandwa kakhulu ngabalandeli.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *