UKhune ‘useyingane’ engaqhubeka nokuvimbela iChiefs

U-Itumeleng Khune
Sihle Ndlovu

U-Itumeleng Khune, ongunozinti weKaizer Chiefs, ukuthole kunzima ukuthola ijezi ngesizini edlule njengoba bekugiya uBrandon Peterson noBruce Bvuma.

UKhune, oyisithandwa sabalandeli kuMakhosi, bekuwusuku lwakhe lokuzalwa ngoMsombuluko kaJuni 20, njengoba ebehlanganisa iminyaka engu-35. Kule minyaka anayo uKhune usengadlala amasizini amathathu ngoba onozinti bayakwazi ngisho ukudlala baze babe na-40.

Nokho okwamanje umbuzo omkhulu owokuthi izovuselelwa yini inkontileka yakhe njengoba iphela ekupheleni kukaJuni. IChiefs isanda kudedela uDaniel Akpeyi waseNigeria nokuchaza ukuthi leli qembu selivele linonozinti abathathu.

Kuphele isizini edlule kunguBvuma obesevimba ngaphansi kuka-Arthur Zwane noDillion Sheppard. Njengamanje uZwane uyena osengumqeqeshi weChiefs kanti akwaziwa noma kukhona yini angakushintsha emapalini uma sekuqala isizini.

Nakanjani iChiefs idinga ukuba onozinti abathathu ngoba ngeke ibambelele kwababili isizini yonke. Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe uKhune uzovuma yini ukuvuselela inkontileka bese abe unozinti wesithathu onethuba elincane lokudlala?

Eminyakeni anayo uKhune (35) ngabe sekuphelile ngaye ebholeni njengoba ebengadlali ngesizini edlule? Impempe imfisela usuku oluhle lokuzalwa uKhune, ukhule ukhokhobe ndoda.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.