UKhune uvuthele amahlebezi okuthi usezoqeqesha kwiChiefs

UKhune uvuthele amahlebezi okuthi usezoqeqesha kwiChiefs
U-Itumeleng Khune oselizwa ngendaba ijezi kwiKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

U-Itumeleng Khune usevele wawavuthela ukuthi abhebhetheke kakhulu amahlebezi okuthi usezongena ethimbeni labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs.

Lo nozinti oneminyaka engu-34 ubelizwa ngendaba kuhle kwabakhwekazi ijezi kwiChiefs ngesizini edlule, njengoba bekuhamba phambili oBrandon Petersen noBruce Bvuma.

Nokho kule minyaka anayo uKhune usemncane kwazise onozinti bavamise ukudlala baze bafike ko-40 noma baze beve.

Osekuvela nokho wukuthi useqalile ukuzicijela eminye imisebenzi njengoba kumanje kuthiwa usezifundweni zeFifa zokucija onozinto ezibanjelwe eSafa Technical Centre.  

Wenza lokhu nje bekuvele kunamahlebezi okuthi uzothatha isikhundla sokuba yiphini likamqeqeshi wonozinti kuleli qembu.

Kulindeleke ukuthi iChiefs iqoke u-Aubrey Mathibe kulo msebenzi ongasenamuntu njengoba kugxalwe uLee Baxter ophelelwa yinkontileka ngoJuni.

FUNDA NALA: UMakaab uveze ubumbulu beChiefs ngokusayinwa kukaMbule

UKhune kubhekwe ukuthi abe esengena kwesokuba yiphini lakhe kodwa abuye adlale naye uma edingeka kwazise sekusele onozinti ababili kulandela ukudedelwa kukaDaniel Akpeyi.

Isikhundla sika-Akpeyi kubhekwe ukuba sithathwe ngunozinti osemncane ophuma enkulisa yeChiefs ukzue babe bane sebebonke eqenjini elikhulu.

Khonamanjalo uKhune ufisele u-Akpeyi okuhle kodwa ngekusasa lakhe, embonga ngathi umenzele khona kule minyaka bebonke eNaturena.

“Ngikufiselaokuhle lapho uyakhona Papa D. Uzohlale unesikhala enhliziyweni yami ngenxa yezinto ongenzele zona,” kubhala uKhune kwiTwitter. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.