Ukhuza AmaZulu ukuthi angadlaleli kuBaxter uma eseqasha umqeqeshi

Ukhuza AmaZulu ukuthi angadlaleli kuBaxter uma eseqasha umqeqeshi
UStuart Baxter
Alfred Ngubane 

UNtokozo “Koloba” Sikhakhane, owayedlalela AmaZulu FC neKaizer Chiefs kudala, uthi Usuthu kumele angathathwa yibala likaStuart Baxter uma eseqoka umqeqeshi.

UKoloba uthi isikhathi sikaBatxer ebholeni lakuleli sesiphelile futhi akusekho okusha angakwenza njengoba kubonakalile ehluleka esebuya isibili kwiChiefs.

UBaxter usanda kuxoshwa kwiChiefs kulandela ukugqoza kwemiphumela nokungabonakali kokuthi iqembu libhekephi ngaphansi kwakhe.

Ungomunye wasebeke bamanyaniswa noSuthu nalo oluhlukane noBenni McCarthy likhala ngakho ukungabonakali kwemiphumela.

Sikhakhane uthe okungcono Usuthu selungabheka kuSteve Komphela njengoab kunguye umqeqeshi ongafika nolukhulu uguqukonjengoba eseqede ishobolo lokunganqobi izindebe kwiMamelodi Sundowns.

“Usegezekile eshobolweni lakhe, usengakwazi ukuzimela kahle ngoba inhlanhla isikhona futhi usenolwazi lokuthi yini okumele uyenze ukuwina indebe.

FUNDA NALA: Unozinti uqophe irekhodi kuMaZulu FC

“Angaphinde asebenze noSiyabonga Nomvete ongumqeqeshi wamafolosi kuleli qembu laMazulu,” kusho uSikhakhane.

Khonamanjalo uSikhakhane uxoxele Impempe ukuthi uzobonga abantu baselokishini akhulela kulo KwaMashu namaphethelo ngomdlalo ozokuba ngomhla ka-4 kuJuni ezinkundleni zakwa-K Section.

Lapho kuzodlala iNtokozo Koloba Sikhakhane XI neKwaMashu XI. Lo mdlalo kuzobonakala kuwo oSiyabonga Nomvete, Pa Gaxa, Mbulelo Mabizela, Sandile “AK47” Ndlovu, Andile “Sguda” Cele nabanye abaningi.

Unxuse abalandeli ukuba baphume ngobuningi bezokhunjuzwa ngezikhathi zakudala ibhola lisadle nangomjiko omnandi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *