Ukhuza iChiefs ngokubutha asebemfimfithwe umsoco yiSundowns

Ukhuza iChiefs ngokubutha asebemfimfithwe umsoco yiSundowns
UKhama Billiat owafika kwiKaizer Chiefs esuka kwiMamelodi Sundowns
Alfred Ngubane 

UKatlego “Killer” Mphela usekhuze akubize ngomhola owenziwa yiKaizer Chiefs wokubutha abadlali abaphelelwa yizinkontileka kwamanye amaqembu ikakhulukazi kwiMamelodi Sundowns.

UMphela, owake wagijima kuyo iChiefs nakwiSundowns esadlala, ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neMpempe.

Uthi abaphathi beSundowns basuke bazi ukuthi umdlali abamdedelayo ngeke esalisiza ngalutho iqembu kodwa iChiefs yona ibone igolide kuye.

“IChiefs iyababutha laba badlali bese iphinde ibakhokhele imali eningi,” kuthimula uMphela ngalento Amakhosi asedume ngayo muva nje.

Kubadlali abasuke kwiSundowns baya kwiChiefs singabala uRamahlwe Mphahlele, Leonardo Castro noKhama Billiat.

UKeagan Dolly yena wasuka kwiSundowns waya phesheya wabe esebuyela kuleli qembu laseNaturena.

Nangesizini ezayo iChiefs seyivele isayine abadlali ababili ebathole mahhala njengoba bebephelelwa yizinkontileka zabo emaqenjini abebedlala kuwo.

Labo ngoSiyethemba Sithebe odlala esiswini obekuMaZulu FC noZitha Khwinika odlala emuva obekwiStellenbosch FC.

“Bafike bangayenzeli lutho iChiefs ngoba vele basuke sebephelile. ISundowns uma ifuna umdlali, ilanda ozoyisiza, ozokwengeza kokukhona eqenjini.

“Yingakho uma ubuka uzothola ukuthi inabadlali abathathu abadlala indawo eyodwa futhi badlala kahle bonke uma kulimele omunye, omunye uyakwazi ukungena athi khaxa,” kuchaza uMphela.

Lo mgadli awagikima emaqenjini amaningi ehlukene okukhona kuwo iSuperSport United, Jomo Cosmos, naphesheya, uphinde wanxusa izinkakha ukuthi ziqale zifunde izifundo zokuphatha ibhola.

“Kumele siqinise ekutheni sibe nabaqeqeshi bethu kanti nabaphathi kungakuhle kube ngabantu abalidlalile ibhola abazaziyo izinto ezidingwa abadlali.

FUNDA NALA: I-Arrows isemseni wePirates ngokudlala kwiMTN8 ngesizini ezayo

“Abaqeqeshi balapha bangazuza lukhulu emhlabeni njengoba ubona uPitso Mosimane ela ekhona nje yingoba ukukhuthalele ukufunda ngoba ibhola lijikajika njalo.

“Ngeke uqeqeshe ngendlela yakudala ebeyenziwa ngo-Owen Da Gama, Shakes Mashaba noJomo Sono esikhathini samanje bese ulindela impumelelo.

“Uzokhumbula ukuthi uJomo wayeke aqeqeshe ehlezi emotweni noma athumele umlayezo ngocingo ngafuna kwenziwe,” kuphetha uMphela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.