Ukhwele wadilika uMiddendorp kumdlali obeshaya umjiko kwiMaritzburg

Umqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst Middendorp okhala ngomjiko

OKADONGA GUMBI

Kwalile azibambe umqeqeshi weMaritzburg United, u-Ernst Middendorp, wavula isifuba ngesenzo sikaSibusiso Hlubi esimcikile ngesikhathi behlula iSekhukhune United ngo 2-1 emdlalweni weNedbank Cup ngoLwesihlanu.

UHlubi ungene ngesiwombe sesibili wafike washaya igoli lesibili elenze iBlue Hearts yahamba phambili ngo 2-0, emuva kwalokho wabe eseqala umjiko ebukisa ngabadli beBabina Noko.

Ibuyile ngasekugcineni iSekhukhune yashaya igoli kanti kwale kancane ithole nelesibili ebelizokwenza kuyiwe esikhathini esengeziwe.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMiddendorp uvele wadazuluka engabuziwe ekhala – kodwa eluma epholisa njengegundwane – ngesenzo sikaHlubi ethi ngeke aye ndawo ebholeni uma ezoqhubeka ngale ndlela enza ngayo.

“Asikhulume ngoHlubi. Empeleni ngiyamthanda,” kusho uMiddendorp. “Kodwa uyilenhlobo yomuntu efike ishaye igoli bese iqala ibukisa ngomjiko, agcine esesuka endaweni adlala kuyo ayophazamisa abanye abadlali.

“Uyeka ukwenza okufanele kufane nokuthi utshela wonke umuntu osenkundleni, okufaka nethimba labaqeqeshi ukuthi, ‘bukani mina manje, yimina inkunzi lapha futhi akukho enizokwenza ngalokho’.

“Uma eqhubeka enza kanje, ngiyaxolisa, kodwa ngeke aye ndawo. Unekhono impela lomjiko kodwa lokhu kukodwa ngeke kumsize. Kumele ube nekhono, ukuzinikela, ukuzimisela ukwazi nokulalela imiyalelo…

“Kulungile ukuveza ikhono lakho lomjiko, kodwa kwenze lokho ngendlela efanele nesizayo eqenjini, ngale kwalokho umjiko wakho awusizi ngalutho.

“Uma ufuna ukusebenzisa ikhono lakho ukuvelela wedwa, kokusiza ukuthi ushiye ebholeni uyodlala igalofu, ithenisi noma ke uyojaha izimoto zeFormula 1, zama okunye hhayi ibhola,” kulanda uMiddendorp.

Ube esepholisa ngokucacisa ukuthi uyamthanda uHlubi futhi uyambona ukuhi engaba ngumdlali ophambili uma engajika indlela acabanga nakenza ngayo.

“Kunezinto engicabanga ukuthi usilele emuva kuzo. Ngimenza isibonelo nje namuhla, akusiyena yedwa. Ngiyamthanda, ungumdlali osezingeni elihle futhi uyafisa ukuya kude ngebhola kodwa kumele afunde ukwenza izinto ngendlela efanele,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eGermany kodwa osengowakuleli ngokugcwele.

Ngomdlalo wabo, uMiddendorp nakhona akanelisekanga ekhala ngokuthi bawenze bona ukuthi ube nzima umdlalo, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala la iSekhukhune beyizenzela nje.

“Uyazi kungani umdlalo bewunzima kithi? Yithi esiwenze waba nzima. Angiqondi ukuthi kungani, ikakhulukazi laba badlali abajwayele ukudlala, bebenza izinto esingazihlelanga ngesikhathi silungiselela umdlalo.

“Senze izinguquko esiwombeni sesibili. Bese singcono kakhulu, futhi ekugcineni sikutholile ebesikufuna. Sidlulele emzuliswaneni wesibili.”

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.