UKlate angaba nomlingo wokuhlala isizini yonke kwiChippa United?

UGavin Hunt noDaine Klate
Sihle  Ndlovu

Uma kukhulunywa ngokuthi yimuphi umqeqeshi weqembu leDStv Premiership ongase akhonjwe indlela ngokushesha njengoba kusuka ushikishi lweDStv Premiership, igama  likaDaine Klate liqhamuka kuqala.

Okwenza bangakungabazi abantu abaningi lokhu (ezinkundleni zokuxhumana) ukuthi kuyaziwa kwiChippa United umqeqeshi usheshe axoshwe uma imiphumela ingahambi kahle. Empeleni leli qembu elizinze eGqeberha alikaze libe nomqeqeshi oyedwa kuze kuphele isizini. Isizini edluleli liyiqale noGavin Hunt kodwa akayiqedanga njengoba bese liqeqeshwa uKurt Lentjies obebambile.

Bekunethemba lokuthi uLentjies uzonikwa ithuba ngoba ubeyibambe kahle kodwa kwaqashwa uKlate obeqeqesha iqembu leDiski Challenge leChippa. USiviwe “Chippa” Mpengesi uthe okudale lokhu ukuthi uLentjies walile ngesikhathi bethi akatholelwe umuntu onamava asebenzisane naye.

UKlate usehlale amasizini amabili eqeqesha iqembu leDiski Challenge. Nokho kuzoba yinto ehlukile kakhulu njengoba esethathe izintambo eqenjini elikhulu. Uzovula ngomdlalo onzima kakhulu lapho ezobhekana ‘nobaba’ wakhe uHunt oseqeqesha iSuperSport United. Laba bobabili basebenze kakhulu ndawonye emaqenjini ahlukene futhi bangabangani.

“Esinye sezizathu esenza ngibe lapha umqeqeshi ofana njengobaba onjenganalo (uHunt). Esesikuzuze ndawonye ngisengumdlali engumqeqeshi kukhulu kakhulu,” kusho uKlate.

UHunt noKlate sebewine izicoco zeligi ezine bendawonye. Bawine ezintathu kwiSuperSport nesisodwa kwiBidvest Wits.

“Ungumqeqeshi omuhle uyawuqonda unobhutshuzwayo. Buka nje ukuthi wenzeni ngeqembu leDiski engenayo ngisho inkundla esile yokujimela,” kusho uHunt.

“Ngicabanga ukuthi unekusasa elihle futhi nonobhutshuzwayo uyamdinga. Kuhlale kumnandi ukubona abaqeqeshi abasebancane bengena kulo mdlalo. Useqenjini alaziyo sesike sakhulumma naye ngalokhu.”

UKlate uzwakale engesabi ukuthi angase axoshwe ngokushesha uma imiphumela ingaqhamuki.

“Ngeke ngenze isethembiso sokuthi ngizokwenza kahle kodwa ngiyethembisa ukuthi sizobeka imiqondo emdlalweni olandelayo. Ukuwina ngibhekene noHunt kungaba kuhle kodwa kuzoba amaphuzu amathathu kuphela, sidinga angu-30 ukuze siphephe.

“Nokho ukuwina umdlalo wokuqala wesizini kubaluleke kakhulu. Uzosikhombisa ukuthi sikuphi namalungiselelo ethu.”

Umdlalo useLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-5.30 ntambama. Kuzobonakala lapho ukuthi uKlate uzokwazi yini ukuhlala isikhathi eside kwiChilli Boys.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *