UKlate ukhiphe imfihlo yePirates ngomqeqeshi omusha engaqondile

UKlate useveze ongase abe ngumqeqeshi we-Orlando Pirates
UDaine Klate owayedlala kwi-Olrando Pirates kudala
OkaDonga Gumbi

UDaine Klate usekhulume inkulumo eveza ukuthi uBenni McCarthy nguye ozobe eqeqesha i-Orlando Pirates ngesizini ezayo.

Ekhuluma nabeSAfm ngoLwesibili ebusuku, uKlate uthe uyazifela ngePirates futhi wakhula engumlandeli wayo nokuyingakho agcina esedlala kuyo nje.

Ube eseveza ukuthi angagxuma ahlale uma uBenni engambiza ethi akazomsiza kuleli qembu. IPirates njengamanje ayinaye umqeqeshi.

OMandla Ncikazi noFadlu Davids bebebambile ngesizini edlule kanti iphele bengasebahle emehlweni abalandeli ngenxa yokuhluleka kweqembu ukuqoqa izindebe.

“Ngiyayithanda iPirates futhi uma uBenni engathi angize, ngiyoya ngenkulu injabulo,” kusho uKlate ongumqeqeshi weqembu leDStv Diski Challenge kwiRoyal AM.

“Le nto sake sakhuluma ngayo ngesikhathi sisadlala (ndawonye kwiPirates). Ngiyayithanda iPirates futhi ngakhula ngingumlandeli wayo.

“Yingakho ngagcina sengidlala kuyo nje,” kuchaza le nsizwa eyayikhona ngesikhathi iPirates ishisa izikhotha iwola nezindebe.

Kube sekuvela izinsolo zokuthi into eyenze iPirates ilande uTapelo Xoki kuMaZulu kungenzeka ukuthi kucelwe nguye uBenni.

FUNDA NALA: UWilliams useveze isifiso sokuyodlala kwiSundowns yize ayefunwa yiPirates

UKlate uveze nokuthi umqeqeshi afunda kuye nguGavin Hunt futhi namanje uma eba nenkinga noma kukhona la adinga khona iseluleko, ufonela yena.

“Umqeqeshi ovele afike emqondweni wami uma ngidinga iseluleko nguGavin Hunt. Uma kwenzeka sithola ikhadi elibomvu umdlalo usanda kuqala, ngifonela yena.

“Uyaye angicebise ngokuthi ngilimise kanjani iqembu nokuthi sidlale kanjani kuleso simo. Nguye ohlezi engigqigquzela.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.