UKlate uthi ngeke azipakishe izikhwama njengoba eyocija iChippa

UKlate uthi ngeke azipakishe izikhwama njengoba eyocija iChippa
UDaine KLate osengumqeqeshi weChippa United edume ngokuxosha abaqeqeshi
Sbongs Gumbi

Uma wemukela umsebenzi wokuqeqesha iChippa United kuyefana nokuzibeka phambi kwenkabi ephethe isibhamu bese uthi, ‘awudubule phela ngibone uzonginemba yini’.

Yingakho ke uDaine Klate, owethulwe kuleli viki njengomqeqeshi waleli qembu ekujabulele ukuthi yena ngeke afike ethwele izikhwama njengabanye ngaphambi kwakhe.

Phela umphathi waleli qembu uSivuyile Mpengesi akabuzi kabili uma kuziwa ekuxosheni umqeqeshi uma izinto ezibona sengathi ziyabhimba.

Yikho lokhu abaningi abasola ukuthi kubambezela iqembu ukuthi lingakhuli kwiDStv Premiership futhi lihlale livika izembe.

“Konke kwenzeke ngokushesha nje. Usihlalo ungifonelile ngemuva kokuba sishaye iTS Galaxy emdlalweni weDDC Cup,” kusho uKlate SAfm.

“Uthe uchazekile umsebenzi engiwenzile kuleli qembu ngakho ufuna ukungenyusela kwelikhulu. Ngibe sengimtshela ukuthi akanginike isikhashana ngike ngiyocabanga.

“Ngemuva kokubonisana nomndeni wami, ngibe senginquma ukuba ngiwuthathe lo msebenzi,” kuchaza uKlate obecija iqembu leChippa kwiDStv Diski Challenge.

“Kuhle ke futhi kimi ukuthi ngingowakhona lapha eGqeberha ngakho ngiyalazi ikhono elikhona. Bekumele ngiqale ndawana thize ukuqeqesha ngakho kube kuhle ngiqale ekhaya.

“Namakhokho ngiwabeke emgibeni ngidlala khona la ngabe sengisebenza njengephini likaGavin Hunt. Ngakho ngiyalazi isiko leqembu.

FUNDA NALA: IRoyal AM seyivele yamkhulula umgadli ohalelwa yiChiefs nePirates

“Kungono ngoba nhgisekhaya ngakho ngeke ngifike nezikhwama. Uma kungalungi, ngizovele ngibuyele ekhaya.

“Mina ngizokwenza lokho engikhonayo ukukwenza ngokuthi ngibone ukuthi kwenzekani usuku nosuku. Okunye nokunye sokubona ngendlela.”

Uncome noKurt Lentjies obembambile kulesi sikhundla ngesizini edlule kulandela ukuxoshwa kukaHunt ngokuthi ulishiye esimweni esihle iqembu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.