UKlopp akagculisekile ngeLiverpool yize ivulele isibhaxu

UKlopp akagculisekile ngeLiverpool yize ivulele isibhaxu
UVirgil Van Dyke
UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter 

UJurgen Klopp akagculisekile ngokuzimisela kweLiverpool yize abafana bakhe benenebule iSouthampton ngo 4-0 ngempelasonto.

UKlopp uthi basebuthaka emuva uma izitha zibahlasela bagqobhozeka kalula.

Uma kade ungawubukele umdlalo ungaxakeka ukuthi uKlopp ukhuluma ngani ngoba abazange bangenelwe goli kulo mdlalo.

Kodwa uma usubona amathuba ayekwe yiSouthampton uzoqala uqonde ukuthi lolugalagala lomqeqeshi kungani lunganeme ngezitobha zalo.

“Ukukhuluma iqiniso nje, angijabule ngamathuba esiphisane ngawo kwiSouthhampton namhlanje,” kusho uKlopp ngemuva komdlalo.

“Anginayo inkinga ngokuthi u-Ali (Allison Becker) uzovimba amabhola, ungunozinti umsebenzi wakhe vele ukuvimba amabhola asigcine sisemdlalweni.

“Kodwa ukuthi izitha zingathola oqekelele ababili emdlalweni owodwa, akufanele kwenzeke, kukhona okungahambi kahle.

“Kuzomele sisebenze kanzima kulelo hlangothi. Emuva kufanele siqine, singangqobhozeki kalula nje.

“Uma emuva sivala amazibuko lokho kukodwa kuzokwenza sikwazi ukudlala ibhola elihlaselayo, sakhe namathuba amaningi okushaya amagoli.

“Ngeke kuhlale kunje, ukuthi thina sishaya amagoli amabili kuyaphezulu umdlalo nomdlalo, yebo kuyenzeka okwamanje.

“Kodwa isomiso samagoli siyeza nakithi lapho okuzofanele sinqobe imidlalo ngegoli elilodwa.”

ILiverpool isishaye amagoli amabili kuyaphezulu emidlalweni engu-17 ilandelana kuyoyonke imiqhudelwano.

Lokhu kuyenza ibe yiqembu lesibili lase-England emlandweni ukubeka leli rekhodi elagcina ngeSunderland ngo-1927.

Bangaqopha elinye irekhodi ngoLwesithathu uma bengenza okufanayo uma sebedlala nezikaRafael Benitez i-Everton.

Kuningi ke nokho uKlopp okumjabulisile kumdlalo wabo neSouthampton, akawuvali umlomo ngomgadli wakhe uDiogo Jota.

“UDiogo ungumdlali onohlonze, umfana olungile futhi. Ngesikhathi simsayinisa ngangazi ukuthi siletha umdlali oseqophelweni eliphezulu odingwa yiLiverpool.

“Uyakwazi ukudlala ibhola emoyeni, ezinyaweni futhi muhle, uhlakaniphile, uyashesha nokufunda izindlela zokudlala.

“Uyakwazi ukumelana cishe nazozozonke izimo ezinzima ahlangabezana nazo enkundleni.

“Unejubane elimangazayo, uyawaqhulula amagoli, uyakwazi nokuwakhanda, buka nje amagoli asewashayile selokhu efikile kwiLiverpool.

“Ngeshwa uke walimala isikhathi eside ngesizini edlule lokhu kwasihlukumeza kakhulu, kodwa ubuyile manje sibonga uMdali.”

UJota kulindeleke adlale indima ebalulekile ngoJanuwari njengoba iLiverpool izobe ingenabo oSadio Mane benoMohamed Salah njengoba kuzobe kuyisikhathi se-Africa Cup of Nations.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *