UKok ubashiye bencinzana eHollywoobets Kings Park

UWerner Kok weSharks
Sihle Ndlovu

UWerner Kok ushaye into ecokeme ngesikhathi iCell C Sharks ibhubhisa iDragons ngo 51-3 emdlalweni weVodacom United Rugby Championship, eHollywoodbets Kings Park Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.

Ngaphandle kokushaya itry, engase iqokwe njengenhle kunawo wonke kule sizini, uKok ubengena kwiDragons okommese oshisayo ungena ebhoteleni, basale benkemile abadlali bayo.

Ukuwina kanje kweSharks kuyenze yazuza amaphuzu ahlanu abalulekile kulandela ukushaywa kwayo yi-Edinburgh Rugby ngo 21-5, ngesonto eledlule kungenasidingo.

UKok uqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kunabo bonke kulo mdlalo, futhi bekumfanele. ISharks inethuba lokuqeda endaweni yesithupha kwilogi nokuzoyenza ukuthi idlale emidlalweni yokuhlunga.

Kuzomele izibambe ziqine nokho njengoba ngo-Ephreli 9 izokwamula i-Emirates Lions, eKings Park Stadium. Ngemuva kwalokho izobe seyidlala neLeinster Rugby ngo-Ephreli 23, bese ivale ngeConnacht Rugby ngo-Ephreli 30, ekhaya.

Kuzomele iye emdlalweni wokugcina seyicacisile ngokungena emidlalweni wokuhlunga. Kulo mdlalo izovakasheka i-Ulster Rugby eKingspan Stadium, ngoMeyi 20.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.