UKolisi ubavala imilonyana ngokuwina labo abamngabazayo

UKolisi ubavala imilonyana ngokuwina labo abamngabazayo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukaputeni weNingizimu Afrika ebholeni lombhoxo uSiyamthanda Kolisi ungumuntu anabo abantu abamngabazayo kodwa uyabaphoxa.

UKolisi uyena ohole iqembu lakuleli liphakamisa iNdebe yoMhlaba eJapan ngo-2019. Ngemuva kokushaywa kweNingizimu Afrika kwiTest yokuqala kuphinde kwagqama ukugxekwa kukaKolisi.

Uke wasolwa ngokuthi uthula kakhulu nokuthi akalimeli kahle iqembu njengokaputeni. Kodwa okwacaca ukuthi kwakungekho nhlonipho kunompempe owayephethe umdlalo.

Kodwa konke lokho ukuphikise ngamava nempumelelo njengoba ephakamise indebe yeCastle Lager Lions Tour ngoMgqibelo.

Nokho uKolisi uphendule ngesizotha nenhlonipho aziwa ngayo ngemuva kokuphakamisa indebe. “Sineqembu elibumbene futhi siyasizana,” kusho uKolisi.

FUNDA NALA: UHlanti ufuna ukufaka umoya wokuzethemba kwabeChiefs

Kulokho akushilo akakaze azigqaje noma acabange ngokungahlonishwa akutholayo kwabanye abantu. Ukuwina kweNingizimu Afrika kusho ukuthi izofika kwiCastle Lager Championship ishayela phezulu.

AmaBhokobhoko azobhekana ne-Argentina eNelson Mandela Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.05 ntambama. Ngemuva kwalokho iNingizimu Afrika izophinde idlale ne-Argentina khona eNelson Mandela Stadium.

NgoSepthemba12 iNingizimu Afrika izolibangisa e-Australia lapho izobhekana khona neWallabiels. Izobe sidlulela eNew Zealand ngoSepthemba 25 ngemuva kokuphinde idlale ne-Australia ngoSepthemba 18.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.