Ukoma kuqedele uZuma umsebenzi kwiChiefs

UDumisani Zuma
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs igcine ihlulekile ukumelana nobudlobongela bukaDumisani Zuma yamkhomba indlela afika ngayo ngoLwesine.

UZuma usehluphe kwaze kweqa kuMakhosi, ephuza utshwala ngesikhathi sombenzi, kwesinye aze aboshwe ngenxa yawo amambawu. Muva nje iChiefs ize yamusa lapho kuhlunyeleliswa khona izimilo kulabo abahlulwa utshwalwa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Ubuye lapho umfo kaZuma wadlala imidlalo emibili wase ekhumbula ukuthi yena uyoma. Usevele ekomitini eliqondisa ubugwegwe leChiefs amahlandla amane ngecala elifanayo lotshwala.

NakwiBloemfonteni Celtic alandwa kuyona yiChiefs, kuvela ukuthi wayenza into efanayo.

“Selokhu ajoyina iCeltic ngo-2017 useke wamiswa eqenjini kaningi, kumbandakanya kabili kwiCeltic ngesizini eyodwa,” kusho umthombo.

“Useke wayiswa lapho kuhlumeleliswa khona izimilo waphinde wanikwa abeluleki yiChiefs kule sizini esanda kuphela.”

UZuma alingatshazwa ikhono lakhe kodwa futhi akekho osengazi ukuthi yena notshwala izithupha ziya egwayini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *