UKomphela angase aqondiswe izigwegwe ngekhadi elibomvu

Uzohlawuliswa uma kutholakala ukuthi ubhedile uKomphela
USteve Komphela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kube yinto engajwayelekile ukwenzeka kuSteve Komphela ngesikhathi ekhishwa ngekhadi elibomvu ngeSonto kusihlwa.

UKomphela waziwa njengomuntu onesizotha futhi ongathandi ukuhilizisana nabanye nokuyinto ahlale eyishumayela.

Kodwa ngeSonto ngesikhathi iMamelodi Sundowns angumqeqeshi kuyo ibhekene neSwallows unikwe ikhadi elibomvu ngakho ukuhilizisana nonompempe.

Akucacanga ukuthi uKomphela ubangeni noThando Ndzandzeka eze emnika ikhadi eliphuzi nje.

Kuthe kusanda kwenzeka lokho, uKomphela wezwakala ebuza ukuthi wenzeni. UNdzandzeka ube esembiza ukuthi akeze kuye.

UKomphela ugolozile ukusondela kunompempe obe esemhlaba ngekhadi eliphuzi lesibili okusho ukuthi ngeke ahlale ebhentshini emidlalweni emibili elandelayo yeSundowns.

Ebuzwa ngalesi sigameko uRulani Mokwena ongomunye wabaqeqeshi kwiSundowns, uthe yena akazwanga ukuthi kubangweni.

FUNDA NALA: Isiyabatatazelisa abaphathi eyokubhacaza kweSwallows

“Bengingakulolu olunye uhlangothi lwebhentshi ngesikhathi kwenzeka ngakho anginaso isiqiniseko sokuthi kwenzekeni.

“Lokho kwenza kube nzinyana ukuthi ngibe nombono bese ngiveza imizwa yami ngalokhu okwenzekile ngingenalo ulwazi olugcwele.

“Sizozwa kuye ukuthi kwenzekeni bese iqembu libhekane nalo lolo daba ngendlela yakhona efanele,” kusho uMokwena.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.