UKomphela usezanyelwa esinye isikhundla kwiSundowns

UKomphela usezanyelwa esinye isikhundla kwiSundowns
USteve Komphela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uzonikwa isikhundla sokuphatha ezokuqeqesha nesikhungo sokukhulisa amakhono uSteve Komphela kwiMamelodi Sundowns. Lo mqeqeshi uqashwe yiSundowns ngasekuqaleni kwesizini edlule ukuzosizana noManqoba Mngqithi noRulani Mokwena.

Lokhu kwenze ithimba labaqeqeshi abathathu. Kodwa ngokubika kweSunday World ngeSonto, uKomphela uzokhishwa eqenjini bese eba yinhloko yezokuqeqesha, aphinde abhekelele nezinkulisa zeqembu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKomphela ubesematheni kuleli sonto njengoba kuqine amahebezi amkhomba kwi-Orlando Pirates la okuthiwa uzoba ngumqeqeshi khona.

Into Impempe ethole ukuthi ivimbe uKomphela ekujoyineni iPirates wukuthi unenkontileka neSundowns okungelula ukuphuma kuyo.

“Abaphathi bayibonile lento yabaqeqeshi abathathu ukuthi ayisebenzi ngendlela efanele ngakho bafuna ukuyishintsha. UKomphela uzoba ngumphathi wezokuqeqesha, bese uMngqithi abe ngumqeqeshi ngokugcwele, uMokwena abe yiphini lakhe,” iSunday World icaphune osondelene neSundowns esho kanje.

Isikhundla sokuphatha ezokuqeqesha kwiSundowns sasala singenamuntu kulandela ukushiya kukaJose Alesanco ngoNovemba nyakenye. Kuzothatha amehlo ukubona ukuthi uKomphela uzovuma yini ukuthatha lesi sikhundla esisha futhi okungangabazeki ukuthi sihamba nemali enhle.

Noma uzoqhubeka nesicelo sakhe sokuba akhululwe ukuze aye kwiPirates la azofike aphinde ahlangane noMandla Ncikazi abesebenzisana naye kwiGolden Arrows ngaphambi kokuya kwiSundowns.

UNcikazi usanda kumenyezelwa yiPirates njengomunye wasebejoyine ithimba layo labaqeqeshi. Impempe yakuveza ukuthi uya kwiPirates nje yingoba eyohlangana noKomphela khona.

Okunye okusha esesikutholile wukuthi uNcikazi noKomphela sebeke bahlangana ngemuva kokuqashwa kukaNcikazi kwiPirates. Kunomthombo osihlebele ukuthi wababona laba baqeqeshi behlangene kwelinye lamagaraji eCato Ridge ngaphandle kwaseThekwini beghamba bobabili. Kwakusanda kuvela izindaba zokuqashwa kukaNcikazi kwiPirates.

Ezinguqukweni ezilindeleke kwiSundowns, uHlompho Kekana naye angase anxenxelwe ethimbeni labaqeqeshi njengoba sekuseduze awagaxe emgibeni amakhokho.

FUNDA NALA: IDurban Ladies neThunderbirds sebevukile emaqandeni kwiSuper League

UKekana, oneminyaka engu-36, ubelithola ivela kancane ijezi ngesizini edlule. Kuthiwa oMngqithi noMokwena bafuna ukulishintsha iqembu basebenzise kakhulu abafana abasebancane.

Yingakho ke nje sekuvele ukuthi abaphathi sebeqalile baphendlela uKekana esinye isikhundla eqenjini.

“Akulula ukuthi engavele ayekwe nje ahambe ngemuva kokulisebenzeka ngokukhuthala okungaka iqembu yonke le minyaka. Indlela aziphethe ngayo yinhle futhi bakholwa wukuthi uzoba yisibonelo esihle kubafana abancane.

“UKekana bafuna asize uKomphela kulo msebenzi omusha abafuna ukumnika wona. Bafuna angene ezinkulisa zeqembu asebenze khona ukupholisha abafana abasebancane,” kusho umthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.