UKomphela uthi cabangani ngekusasa lenu nikhohlwe uDe Klerk

USteve Komphela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Umqeqeshi weMamelodi SUndowns uSteve Komphela usenxuse ukuba abantu bayeke ukulokhu bezixaka ngomlando omubi kaFW De Klerk bese bezinuka boba amakhwapha.

UDe Klerk wayengumengameli wakuleli qokugcina ngaphansi kombuso wobandlululo kanti udlule emhlabeni kuleli viki.

Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba bekubangwa ngomlando wakhe.

Abanye bebethi kumele anconywe ngokuvuma ukuba kulethwe intando yabantu kanti abanye bathi akukhunjulwe amacala akhe okubulawa kwabantu abamnyama ngaphansi kombuso wakhe.

UKhomphela naye uveze owakhe umbono kwiTwitter ngoLwesihlanu, ethi umlando kaDe Klerk uyomlandela.

Ube esenxusa ukuthi abantu abagxile ekulungiseni owabo umlando ukuze kuthi mhla bedlula nabo izingane zabo zingasali ziba ngamaqaqa emhlabeni.

FUNDA NALA: UMhango akeneme ngokukhishwa inyumbazane kwiPirates 

“Njengoba sibheka emuva, sikhumbula futhi sikhumbuzana ngomlando kaFW De Klerk ukuthi uthini esizukulwaneni sakhe…

“Ungamgxeki ngoba naye lo mlando wawushiyelwa (oyisemkhulu). Umbuzo omkhulu ngothi: thina yimuphi umlando esiwakhayo nesiyowushiyela izingane zethu,” ubhale kanje uKomphela.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.