UKonqobe uwusizo olukhulu kwiChippa, kusho uMalesela

OkaDonga Gumbi
U-Ayabulela Konqobe ufike ngesikhathi esihle impela kwiChippa United imdinga umdlali ofana naye. UKonqobe ubekade ephesheya kanti usanda kubuya, wabe esebuyela kwiChilli Boys ngasekuqaleni kwenyanga.
Umqeqeshi weChippa, uDan “Dance” Malesela uthe indawo edlalwa nguKonqobe ibaluleke kakhulu. “Yinto yakhe yedwa, uyakwazi ukuqinisa isisu, uyakwazi ukusiza uma sivika izitha kanti uyakwazi nokuqala iminyakazo yeqembu,” kusho uMalesela.
“Yilokho okuhle ngaye. Sinenkinga yabadlali basesiswini, kanti ufike kahle ngoba uyakwazi ukudlala khona okuyinto esisiza kakhulu,” kuchaza uMalesela osebuya ihlandla lesine kwiChilli Boys.
UMalesela – obesanda kulaxazwa yiTS Galaxy ngaphambi kokuqashwa yiChippa – uncome abadlali bakhe ngemuva kokubhaxabula iBlack Leopards ngo 3-0 ekuhambeni emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.
“Siwuqale ngegiya eliphansi umdlalo, besingasheshi kodwa akusithathanga isikhathi eside ukuthi singene egiyeni, bese sidlala kahle. Besinesineke, sikuqaphile ukuthi singalilahli kalula ibhola. Okube kuhle kakhulu wukuthi sikwazile ukusheshe sishaye igoli ngokwami ebelilihle kakhulu nelikhombise ubuchule bua-Andile Mbenyane. Nelesibili libe lihle, okuhle wukuthi amagoli siwashaye besaphelele (u-Edwin Gymah uphume ngekhadi elibomvu esiwombeni sesibili). Bake basithusa nabo besihlasela, okuyinto ejwayelekile ebholeni,” kusho uMalesela.
“Into engikhathazayo manje wukuthi siyeke inqwaba yamathuba. Kodwa uma usebenzisa ngendlela amathathu bese ungadedeli nelilodwa ngakuwe kumele ujabule. Ngijabule nangodonga lwasemuva, kodwa sihlale sikhona isikhala sokuthi singenza kangcono,” kubeka uBra Dance.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *