‘Ukubalekela otshwaleni kubaqedile abadlali,’ kusho owayekwiChiefs

'Ukubalekela otshwaleni kubaqedile abadlali,' kusho owayekwiChiefs
U-Edward Manqele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Iningi labadlali libalekela otshwaleni uma lihlangabezana nezinkinga kanti lokhu kuyaqeda ngekusasa labo ebholeni. Lokhu kuvezwe ngu-Edward Manqele owake wadlala emaqenjini amakhulu kuleli, iMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs neMoroka Swallows, u-Edward Manqele.

Ukhuluma kanjena nje lomgadli naye wacishe waphelelwa yikusasa ebholeni ngakho ukungaziphathi kahle nokuzwana kakhulu namanzi amponjwana. Kodwa uthi usefundile emaphutheni akhe.

“Esengikufundile ngokuhamba kweminyaka ngisebholeni ukuthi kumele ukwazi ukuziphatha ngoba usheshe uphele umsebenzi wasebholeni. Ziningi izinto ezenzeka ungazilindele kulomsebenzi wasebholeni,” usho kanje uManqele ekhuluma nabePhakaaathi.

“Uyabona, uma uziphethe kahle futhi uzithobile ungaya kude ngebhola. Kuyenzeka uthole ukuthi ngaphansi komqeqeshi okholelwayo kuwe futhi akuqalise imidlalo. Bese avele ahambe.

“Kuvele kufike ongezuyizwa indaba yakho. Izinto ezinjalo ziyakuphazamisa kakhulu emoyeni. Kumele ube ngumuntu onesibindi ukubhekana nazo. Uma ungenaso isibindi, ugcina sewenza izinto ezingalungile.

“Lento engiyishoyo ngiyayazi ngoba yenzeka kimi. Kodwa angizisoli ngakho konek okwenzekile ngoba kube yisifundo kimi,” kuchaza yena.

Uthe lezi zinto nezinye izinkinga zasebholeni yizkho okuholela abadlali abaningi ekutheni bangene otshwaleni bezama ukullibala yizo. UManqele uyabuyela ebholeni ngesizini ezayo njengoba esayine kwiPretoria Callies.

FUNDA NALA: UNtshangase ungomunye wabafika bethwelwe ngeqoma kwiChiefs baphoxa

Ulandwe ngumqeqeshi ake wasebenza naye kwiReal Kings, uJoel Masutha omaziyo ukuthi udlala kanjani. Leli qembu elidlala kwiGladAfrica Championship selikuvezile ukuthi lifisa ukulwela ukwenyukela kwiDStv Premiership kule sizini ezoqala.

Isifo sokubalekela otshwaleni sivamisile kubadlali futhi abaningi abalitholi ithuba lokuvuka bazithathe. Umdlali ohlezi enziwa isibonelo nguJabu “Pule” Mahlangu. NoJunior Khanye naye usekuveze kaningi ukuzisola kwakhe ngokunaka kakhulu utshwala kunebhola ngesikhathi ekwiKaizer Chiefs.

Omunye osanda kuxoshwa kwiChiefs, uSiphelele “Stash” Ntshangase naye kunezinsolo zokuthi ukuzwana kakhulu nezinyembezi zikaKhwini yikho okumdalele amazinyo abushelelezi eNaturena.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *