Ukubekezela kukaMntambo sekuqalile ukuthela izithelo ezinhle

ULinda Mntambo we-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

ULinda Mntambo we-Orlando Pirates uzichaza njengomuntu onesineke nowaziyo ukuthi uma isikhathi sesifikile, izinto zivele zizihlalele ngononina ngokwazo.

Kodwa uthi ngesikhathi elinde elakhe ithuba lokuthola ijezi kwiBucs, ubengahleli kodwa ubezikhandla ukuze limfice esesimweni esihle futhi elilungele.

Yingakho kuthe uma eqaliswa umdlalo neJwaneg Galaxy kwiCAF Confederation Cup ngempelasonto edlule eBotswana National Stadium, wadlala ingcwenga yebhola waze wayeleka ngegoli ngaphezulu.

“Kumele ngibonge abaqeqeshi ngokungethemba emdlalweni obaluleke njengaloya… ngijabule kakhulu ngokuthi ukuzikhandla nokubekezela kwami sekubuyisa umvuzo,” kusho lo mdlali wasesiswini ozalwa e-Orlando eSoweto.

UMntambo ungomunye wabadlali ababalulekile kwiBucs hhayi nje kuphela ngakwenza uma esenkundleni kodwa nangekhono lakhe lokwenza kuhlale kunomoya wokuzwana nenjabulo ekhempini.

UFigo – okuyigama lesidlaliso alithola esadlala kwiJomo Cosmos – nguye ohamba phambili uma kuculwa noma kudanswa ngaphambi nangemuva kwemidlalo yeBhakaBhaka.

“Ngingumuntu ohlezi ezithobile futhi onesineke, ngiyalilinda elami ithuba futhi okungijabulisayo wukuthi kuthe uma livela ngalisebenzisa ngendlela efanele.

“Ngidlale kahle ngabe sengishaya negoli okube yibhonasi,” kuchaza yena. UFigo kulindeleke aphinde awuqale nomdlalo womlenze sesibili ngeSonto kanti uthi kwakubalekile ukuthi bazehlisele umthwalo ngokuwina ekubambeni.

“Ukunqoba bekubalulekile, ikakhulukazi njengoba besidlala neqembu esingalazi kahle. Bebengadlali bona eBotswana njengoba iligi yakhona isavalile kodwa bebeyilandela imidlalo yethu.

“Akukapheli. Kusamele sidlale umlenze wesibili kanti kungenzeka beze bengasakhathelele lutho basicindezele ngoba bazobe befuna ukulungisa amaphutha abo.

“Ukuthi sihamba phambili ngamagoli amathathu kusibeka endaweni enhle, kodwa kusazomele sizinikele, sikhombise ukukulambela ukuwina ukuze sinqobe futhi,” kuphetha uMntambo oneminyaka engu-31.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.