UKubheka ubona umshovo onzima oza noNcikazi kwiPirates

UKubheka ubona umshovo onzima oza noNcikazi kwiPirates
UMandla Ncikazi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

UPhilani Kubheka owazakhela igama kwi-Orlando Pirates ubona ukuthi kumele anikwe noma amasizini amabili umqeqeshi uMandla Ncikazi alakhe kabusha iqembu.

Abanye abalandeli beBucs sebevele bashaya amakhala ngesimo seqembu kodwa uKubheka waseBergville uthe akumele nakancane bajahe izinto.

“Ngithi mina akanikwe ithuba uNcikazi ngoba naseqenjini abesuka kulo ubeyinhloko yethimba labaqeqeshi.

“Asikho isidingo sokuthi anganikwa ithuba ngoba ubenza kahle lapho esuka khona (kwiGolden Arrows),” kusho uKubheka.

“Ngokwami uza kahle kakhulu. Vele ubezothi ukuba nenkinga kancane ngoba ubesafika esajwayela indawo. Udinga ukunikwa ithuba nje kuphela.”

UKubheka uke wayibamba phesheya kwiBecamex Binh Doung FC kusukela ngo-2006 kuya ku-2013.

Kuleli qembu laseVietnam udlale imidlalo engu-114 washaya amagoli angu-34.

Uncome iMamelodi Sundowns ngokubekezelela uPitso Mosimane.

“Uma uzobuka uPitso ungomunye wabaqeqeshi abahamba phambili emhlabeni wonke.

“Konke lokhu kungenxa yokuthi wanikwa ithuba. La maqembu athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika kumele abanike ithuba abaqeqeshi.

“Ngeke uthi uqala nje bese wenza imilingo. Ngikholwa ukuthi uNcikazi kumasizini amabili noma amathathu uzobe esekahle, kubalulekile ukuthi sinike abaqeqeshi balapha ekhaya ithuba.

“Ngesinye isikhathi singabalandeli izinhliziyo ziyashesha kakhulu ukuhluthuka.

“Siyadliwa abanye bayawina, ukuncintisana kuhlale kukhona. UPitso akaqalanga kahle kwiSundowns kodwa sonke sasazi ukuthi kwiSuperSport (United) wayenza kahle.

“Usengomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo manje emhlabeni,” kuphetha uKubheka.

IPirates isendaweni yesikhombisa kwilogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-13.

NgoLwesithathu izovakashela AmaZulu FC eJonsson Kings Park Stadium eThekwini, ngo-5.30 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *