Ukubuka ifilimu kwamfaka uthando lwesibhakela uSmash, usengumpetha

Ukubuka ifilimu kwamfaka uthando lwesibhakela uSmash, usengumpetha
USimangele "Smash" Hadebe
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

USimangele “uSmash” Hadebe wayesanda kuqeda umatikuletsheni esathathe ikhefu lokubona ukuthi ufuna ukungena kumuphi umkhakha wempilo.

Kwathi ngelinye langa ezihlalele nje wazithela phezu kwefilimu esihloko sithi Million Dollar Baby. 

Ikhuluma ngempilo kaMaggie Fitzgerald owayenguweta kodwa owagcina engumshayisibhakela ohlonishwayo.

USmash, oneminyaka engu-27 futhi odabuka eLimpopo kodwa osehlala eGoli, wayekade ekwezokusubatha kanti wayebuye enze nekarati.

Kodwa kwathi uma ebuka le filimu wabe esebona ukuthi yini ayifunayo.

Akubanga yisinqumo esibi leso njengoba esengumshayisibhakela ongumpetha futhi eseke wawina nendondo.

Waqokwa njengomshayisibhakela osemncane othembisayo ngo-2017.

Usanda kuwina isicoco sakuleli esisindweni se-flyweight eshaya uThelma Zwane empini yemizuliswano eyishumi.

Bekuyimpi yakhe ka-15 kanti usewine eziyishumi kulezo futhi usebheke ukudlulela ezingeni lamazwe ngamazwe manje.

Uthi uma nje kudlula ukhuvethe oluvimbezele umhlaba wonke njengamanje ngoba kusenzima ukuhambela amazwe ehlukene.

Wakhula njengazo zonke izingane zamantombazane futhi enza nemisebenzi yasendlini ngesikhathi unina eyofuna amatoho.

“Ngangigada izingane zakwethu ezincane kunami. Ngesikhathi umama eyofuna amatoho njengengane endala ngangigada ekhaya.

“Ngangenza nayo yonke eminye imisebenzi yasendlini. Kwangifundisa lukhulu lokho.

“Kwakunzima kodwa kwangenza lomuntu enginguye manje,” kusho uSmash ekhuluma nabeCitizen muva nje.

Usesebenzisa nethalente lakhe ukuthi agqugquzele umlayezo ukungalulazwa nokungahlukunyezwa kwabantu besifazane.

“Njengomuntu wesifazane okwezamankomane, uma ngiseringini ngisuke ngizazilweli mina nje kuphela.

“Kodwa ngisuke ngimele bonke abesifazana nezingane abahlukunyezwayo kodwa abangenawo amandla okuzilwela nokuzivikela.”

Uveze ukuthi naye esemncane wahlukumezeka ngokocansi: “Ukungena esibhakeleni kwangisiza ukuba ngibhekane nobuhlungu balesi sehlakalo.

FUNDA NALA: UFrosler uthi akungatatazelwa izinto zizohlangana kwiChiefs 

“Yingakho ngithathe leli vangeli ngoba nami ngibuya khona ekuhlukumezekeni.”

Ufisa sengathi abashayisibhakela besifazane nabo benganikwa amathuba alinganayo.

“Ziyamfimfa izimpi zabesifazane kodwa imenenja yami iyazama ukungitholela izimpi noma kunzima.

“Akulula ukuthi abahleli nabaqhathi bezimpi bafake impi yabesifazane uma bezoba nezimpi.

“Kodwa nathi singabashayisibhakela besifazane siyafuna ukulwa izimpi eziningi siwine nezicoco eziningi.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.