‘Ukudelelwa’ yiChiefs kwenza uTeko Modise wakhetha iPirates

'Ukudelelwa' yiChiefs kwenza uTeko Modise wakhetha iPirates
UTeko Modise
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UTeko Modise useveze ukuthi yini eyenza wagcina ejoyine i-Orlando Pirates ngesikhathi imbanga neKaizer Chiefs esashisa izikhotha eminyakeni embalwa edlule.

UModise wayengomunye wabadlali abavuthayo ngemuva kwesizini ka-2006/07 ayedlala kuyo kwiSuperSport United.

Wayefunwa ngapha nangapha kodwa amaqembu ayembanga kakhulu yizinkunzi zaseSoweto iChiefs nePirates.

NeMamelodi Sundowns yayimfuna phansi kanti naye uthi wayeseze wacishe wavuma ukuya eChloorkop.

Nokho wagcina ephelele kwiPirates la afike wadlala khona elihle ibhola futhi waba ngabanye babadlali abangaconsi phansi kubalandeli.

Wagcina eshiyile waya kwiSundowns nakhona wadlulela kwiCape Town City athathe umhlalaphansi esedlala kuyo.

Njengoba eseneminyaka engu-38 nje, uTeko usengumhlaziyi kwiSuperSport TV kanti nakhona wenz aumsebenzi oncomekayo.

Ekhuluma noMacG kuleli sonto, uModise uveze ukuthi yini eyamenza wagcina ephelele kwiPirates, egabha iChiefs enabalandeli abaningi kuleli.

“Ngiyakhumbula ngesikhathi ngisadidekile ngingazi ukuthi yiliphi iqembu okumele ngiye kulo…

“UMqeqeshi uPitso (Mosimane) wangishayela ucingo wangitshela ukuthi angiye kwi-Orlando Pirates,” kusho yena.

“Ngamtshela ukuthi sengiqede konke neMamelodi Sundowns, kodwa wanginxenxa ukuthi ngiye kwiPirates. Nami ngamlalela.”

Uthe yize wayesevumile kwiSundowns futhi wajika walalela uMosimane uma umnxenxela ukuya kwiPirates, wayesanethemba lokuthi neChiefs izofika imhlwithe.

“Ngaphakathi kimi ngangilinde iChiefs ukuba ize nayo. Ngangingenandaba ukuthi bazobeka malini etafuleni (ngangizoya kubo).”

Nokho iChiefs yamphoxa ngesenzo athi safana noku’mdelela’ ithumela owayengumdlali wayo esikhundleni sesikhulu.

FUNDA NALA: Siveza okubhekwe uKhoza akhulume ngakho ngoMsombuluko

“Wonke amaqembu engangikhulume nawo ayethumela izikhulu. Uyazi iChiefs yona yenzani? Yathumela umdlali ukuthi azokhuluma nami.

“Ngaleso sikhathi iPIrates yayithumele isikhulu esithenjiwe eqenjini. Yilokho ke okwangiyekisa ukuya kwiChiefs, indlela eyenza ngayo izinto.

“Yathumela uSiphiwe Mkhonza ngaleso sikhathi ngoba sasikade sidlala naye kwiRia Stars ukuthi azokhuluma nami.

“Lokho kwangenza ngazibona ngidelelekile. Angiqondile ukwedelela uSiphiwe kodwa ngazizwa kunokwedeleleka ukuthi kuthunywe yena.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.