Ukudlanga kweCoronavirus kungase kumise imidlalo yePSL

Sihle Ndlovu

Indlela ezenzeka ngayo izinto emaqenjini ehlukene ePremier Soccer League (PSL), kunokwesaba ukuthi imidlalo ingase imiswe maduze nje.

Abadlali abatholakala benegciwane iCoronavirus emaqenjini ehlukene ePSL bakhula mihla namalanga. Ukubuya okwesisibili (ngamandla) kweCorona sekuvele kuphoqe ukuthi kumiswe imidlalo yeDStv Diski Challenge, okungaziwa ukuthi izobuya nini.

Abadlali bakamuva okuvela ukuthi batholakale beneCoronavirus abaMaZulu FC. Laba badlali uMakhehleni Makhaula, Sibusiso Mabiliso noSiphiwe Tshabalala. Ukutholakala kwalaba badlali benaleli gciwane elidla lubi emhlabeni, kuchaza ukuthi ngeke babonakale uma Usuthu selutholana phezulu neBloemfontein Celtic emdlalweni weDStv Premiership eDr. Petrus Molemela Stadium, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

Ngeledlule abadlali ababili beChippa United, okungonozinti uMlungisi Mazibuko no-Ismail Watenga, kuvele ukuthi batholakale beneCoronvirus nephini lomqeqeshi uSiya Gwambi. Baphuthwe umdlalo obalulekile lapho iChilli Boys ibibhekene neSuperSport United kowePremiership ngoLwesithathu.

UMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, kulindeleke ukuthi akhulume maduze, acacise ukuthi izwe lizoqhubeka yini nokuhlala kuLevel 3, elibuyele kuwona ngenxa yokubuya ngamandla kweCoronavirus ngoDisemba.

Abathandi bakanobhutshuzwayo banokwesaba ukuthi imidlalo yePSL ingase imiswe njengoba kucaca ukuthi abadlali bamaqembu ehlukene basengozini yeCorona.