‘Ukugxila kwiCAF’ kukaKhabo Zondo kwenze yaThwihlizeka iRoyal AM

'Ukugxila kwiCAF' kukaKhabo Zondo kwenze yaThwihlizeka iRoyal AM
UKhabonina Zondo ocija iRoyal AM

 

Ukungabi khona kukaKhabonina Zondo ebhentshini leRoyal AM kubukela kulikhubazile leli qembu njengoba libhaxabulwe yiSuperSport United ngo 3-1.

Kulo mdlalo weDStv Premiership obuseLucas Moripe Stadium, uZondo ubengabonwa ebhentshini leThwihli Thwahla. NgoMsombuluko kusabalale imibiko yokuthi lo mqeqeshi usehlukene naleli qembu laseThekwini.

Nokho umengameli weqembu uShauwn “MaMkhize” Mkhize uwakhahlele ngazo zombili lawo mahlebezi ngaphambi komdlalo wezakhe neSuperSport.

“Ngicabanga ukuthi ukhona lo ofuna izinto zingahambi kahle eqenjini lethu ngokusabalalisa amahlebezi angekho,” kusho uMaMkhize.

“Akulona iqiniso ukuthi uKhabo Zondo uselishiyile iqembu. Ukhona eqenjini usale ngemuva ngoba elungiselela umdlalo weCAF ongeSonto nabanye abadlali.”

Kuyaxaka nokho ukuthi yini ebingenza ukuthi uZondo aze angayi ePitoli ngoba umdlalo weligi ubungoLwesibili. Lokhu kuchaza ukuthi ziseziningi kakhulu izinsuku zokuthi iRoyal AM ilungiselele umdlalo weCAF.

FUNDA NALA: I-Orlando Pirates kuzoyibulala ukuhluleka ukushaya inethi

Omunye umbuzo oqhamukayo owokuthi laba badlali abebedlala bebhekene neSuperSport ngeke badlale yini koweCAF. Okushayisa amakhala ukuthi iRoyal AM ayicacisi uma sekukhona ohambile.

Yenze okufanayo kuhamba uSinki Mnisi, yaphinde yathula cwaka sekuhambe uDan Malesela osecija iMarumo Gallants.

Emdlalweni wangoLwesibili bekukhona u-Abram Nteo ebhentshini leRoyal AM kanti igoli lokubika lishaywe uMfundo Thikazi.

– Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *