Ukuhlonipha umsebenzi yikhona okwenza uMabena angaphuphi

Ukuhlonipha umsebenzi yikhona okwenza uMabena angaphuphi
UNdumiso Mabena
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukaputeni weRoyal AM uNdumiso Mabena uthi ukuhlonipha umsebenzi wakhe yikona okwenza alokhu eqhubekile nokudlala ibhola ezingeni eliphezulu.

UMabena uthe akayicabangi nakancane indaba yokujiba amakhokho akhe emgibeni futhi uzizwa ewumqemane njalo uma engena ensimini.

“Into engingayisho mina ilula kakhulu. Kumele uzinikele uma ungumdlali webhola, uyithande le nto oyenzayo.

“Njalo uma uya emsebenzini uyojima uhlale wazi ukuthi uyosebenza,” kusho uMabena.

Lo mdlali useneminyaka engu-34 kanti eNingizimu Afrika bambiza ngekhehla umdlali uma esekule minyaka.

“Kumele wazi ukuthi uma ungumdlali awuzenzeli wena lokho kodwa usebenzela umndeni wakho.

“Ngiyabonga kulabo abangesekayo nokuthi kuhlale kusekhanda ukuthi nginomndeni nengane.

“Yibo abantu okumele ngibaphilele labo, ngibasebenzele. Ngicabanga ukuthi yilokho okungenza ukuthi ngiqine ngiphinde ngenze lokho uMdali angiphe kona njengekhono lami.”

UMabena uthe ujabule ngendlela abadlala ngayo kule sizini kodwa ufuna iqembu likhule kumasizini ambalwa ezayo.

“Sinohlelo, njengoba umqeqeqeshi ehlale esho, ngakho siyazi ukuthi sifunani. Kule sizini siqale kabi sishaywa imidlalo emibili yokuqala.

“Nokho kusukela ngemuva kwalokho siqalile sathola amaphuzu aphelele emidlalweni. Uma singagcina abadlali abafanayo eqenjini kungakuhle.

“Kuhlale kulula ukuthi udlale nabadlali osubajwayele. Uma sigcina iningi labadlali abakhona manje ngicabanga ukuthi iKwaZulu-Natal singayinika okuthile ekugcineni,” kuphetha uMabena oke wayibamba kwi-Orlando Pirates.

IRoyal AM kuzomele izame ukubuyisa umuzwa wokuwina emdlalweni olanelayo njengoba ibuya endukwini eyithole kwiMamelodi Sundowns kuleli viki.

Leli qembu lidlale kahle futhi layikhombisa iSundowns ukuthi liyayihlonipha kodwa aliyisabi yize ligcine lihlulwe ngo 3-2.

Emdlalweni olanelayo iRoyal AM izogadulisana nomkhaya bayo iGolden Arrows eChatsworth Stadium ngeSonto ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.