Ukumiswa kukaMnisi sekubeke uZondo engcpheni kwiRoyal AM

Ukumiswa kukaMnisi sekubeke uZondo engcpheni kwiRoyal AM
UKhabo Zondo osanda kujoyina iRoyal AM njengomqeqeshi wayo
Alfred Ngubane

Njengoba sekuvele ukuthi uSinky Mnisi umisiwe emsebenzini yiRoyal AM, ikusasa likaKhabo Zondo kuleli qembu libonakala limfiliba. 

Lokhu kuhletshelwe Impempe yimithombo esondelene neRoyal AM, ethi abaphathi, ikakhulukazi umqengameli wayo uShauwn “MaMkhize” Mkhize, abeneme ngendlela aphethe ngayo uMnisi. 

Umiswe ngeviki elidlule kulandela izinqumo eziningi azithathile okuthiwa uMaMkhize ushaya amakhala ngazo okukhona kuzo esokudedela uJohn Maduka ahambe bese eqasha uZondo.

Kuthiwa konke lokhu ubekwenza ngaphandle kokuxhumana nabaphathi okuyikho osekubenze banquma ukumbuyisela eceleni uMnisi oyisikhulu esiphuzulu.  

“Umqeqeshi (uZondo) wamqasha engamazisanga uMaMkhize nendodana yakhe (u-Andile Mpisane). Bafika sebethola ukuthi uJohn usehambile sekukhona uKhabo.

“Njengamanje abazi benze njani ngaye, bamxoshe noma bamyeke. Kodwa engikuzwile wukuthi kungenzeka bajike imibandela yenkontileka yakhe bese bemyeka aqhubeke nomsebenzi,” kusho umthombo. 

“UZondo kuzomele asebenze into ebonakalayo ngokushesha uma enikwa ithuba. Uzokhumbula ukuthi noJohn kwakunesimo esifanayo.

“Babebaningi abaqeqeshi abanamava ababecuthele lo msebenzi kodwa ngoba wenza kahle, bamyeka waqhubeka nawo.”

FUNDA NALA: IPirates ingase ihwlithe unozinti obhekwe kwiSundowns

Omunye umthombo nokho uthi isimo asisihle neze futhi uZondo angase akhonjwe indlela uma kutholakala uMnisi enecala njengoba esazoqondiswa ubugwegwe nje.  

“Uma uSinky ethola enecala lokungahambisi kahle, lokho kobe sekusho ukuthi konke akwenzile ukwenze ngendlela engafanele futhi kufana nokungekho.  

“Lokho kungasho ukuthi izinkontileka azisayinile emele iqembu zifana nento engekho, kufaka nayo le uZondo ayisayinile.

“Kodwa kuzomele silinde ngoba yonke into ishayelwa phansi, abafuni kwazi abantu abaningi ikakhulukazi ngoba babheke kwisizini ezoba matasa kakhulu kubo,” kusho lo mthombo. 

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.