UKunene ufihle induku emqubeni, uza nesimanga kwiHarry Gwala Marathon

UKunene ufihle induku emqubeni, uza nesimanga kwiHarry Gwala Marathon
Alfred Ngubane

UMthandeni Kunene ocija abasubathi adlondlobala ngokushesha eMgungundlovu, aphinde abe ngumhlaziyi wezokusubatha emsakazweni Ukhozi FM, uthi abalandeli bazobona abangakwazi kwiHarry Gwala Marathon.

Lo mqeqeshi utshele Impempe ukuthi uthukuse induku emqubeni ngomunye wabasubathi besimame onohlonze azomdedela kulo mjaho ozoba ngoSonto.

“Engingakusho nje wukuthi abantu abalindele izimanga kumsubathi okungenzeka ukuthi bayamazi kodwa abangalindele lokhu azokwenza.

“Ngeke ngilidalule igama lakhe okwamanje kodwa abantu bazombona emjahweni,” kusho uKunene.

Nokho akabanga nankinga ngokuveza ukuthi uzothumela uPule Molefe noPhala Mosia kwiHarry Gwala Marathon nakwiComdrades Marathon.

FUNDA NALA: Bagoloze ukujima abeSwallows abangaholile 

UKunene uthi amalungiselelo ahamba kahle kakhulu njengoba befuna ukungena emlandweni ngokubhala igama labo lokuqala baqoqe ngalo mjaho bese bethola amagolide kwiComrades.

Uthi abasubathi bakhe bonke balambele ukunqoba njengoba besebenza kanzima ejimini ukuzilungiselela le mijaho ezayo.

“Ngiyabatshela ukuthi ukuze banqobe kumele bezwe ubuhlungu ejimini ukuze befike emijahweni sebebujwayele bese benqoba ngoba bazokwazi ukumelana nanoma ngabe iyiphi ingcindezi nobuhlungu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.