UKurt angase axoshiswe yikati kwi-English Premier League

UKurt angase axoshiswe yikati kwi-English Premier League
UKurt Zouma

OkaDonga Gumbi

Isitobha seWest Ham uKurt Zouma sibhekene nokuxoshwa eqenjini kanjalo nakwi-English Premier League (EPL) – lokhu kuzokwenzeka uma kuya ngokwesifiso sikaChris Kirkland.

UKirkland, owayengunozinti kwi-EPL phambilini, uthi kumele aphume aphele e-England uKurt, kulandela ukuvela kwevidiyo lapho ebhaklaza khona aphinde akhahlele ikati lakhe.

Le vidiyo kuthiwa iqale yafakwa umnewabo uYoan. UKurt, oneminyaka engu-27, uxolisile ngalesi senzo ngoMsombuluko ebusuku.

Uthe amakati akhe ayathandwa futhi aphethwe kahle kanti isenzo sakhe besiyinto engajwayele ukwenzeka.

Amaphoyisa abengakavezi ukuthi azolufakela yini izibuko udaba lukaZouma kodwa iRSPCA ichaze le vidiyo ‘njengephoxa kakhulu’.

IWest Ham nayo seyiqalise olwayo uphenyo lwangaphakathi kodwa uKirkland odlale imidlalo engu-180 kwiPremier League, ukholwa wukuthi iHammers kumele iyinqamule inkontileka kaZouma.

“Angiyikholwa into engiyibukile, angiyikholwa nakancane, kuyanyanyisa,” kusho uKirkland kwabe-talkSPORT.

“Ngicabanga ukuthi akanandaba nhlobo. Wenza izinto ezinjena ngoba ungumuntu ongalungile nakancane.

“Bengingeke ngisebenze naye ukube bengiseqenjini elifanayo. Ukube bengingukaputeni bengizomkhipha ngokushesha ezindlini zokushintshela.

FUNDA NALA: UGabaski uveza imfihlo ayihletshelwa uSalah ngoMane

“Bengingeke ngiphinde ngifune ukudlala naye. Angicabangi ukuthi kukhona enye indlela yokubuyela emuva kuyena.

“IWest Ham izithola impintshekile, isekhoneni, futhi akulona iphutha layo. Nokho kumele babhekane nesimo manje futhi ngokwami yinye kuphela into okumele bayenze, ukumxosha.”

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe sekuwukuphela kokudlala ibhola kukaZouma e-England, uKirkland uthe: “Ngikholwa kanjalo.”

UZouma waseFrance ufike kwiHammers evela kwiChelsea FC adlale kuyona isikhathi eside yize ebelokhu ephazanyiswa ukulimala.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.