Ukusheshe ajwayeke kwiBucs kumvulele awokubuyela kwiBafana

Ukusheshe ajwayeke kwiBucs kumvulele awokubuyela kwiBafana
UNkosinathi Sibisi we-Orlando Pirates usebuyele nakwiBafana Bafana
Sbongs Gumbi

UNkosinathi “Bhodlela” Sibisi nguye noRichard Ofori kuphela abadlali be-Orlando Pirates abasayidlale yonke imidlalo kusukela iqalile isizini futhi lokhu kumvulele amasango abuyela kwiBafana Bafana.

USibisi usayine kwiPirates esuka kwiGolden Arrows. Usheshe wawubamba umgqigqo kuyo njengoba edlala kahle futhi esephinde wabizwa kwiBafana.

Usengomunye wabadlali abathandwayo ngabalandeli futhi abanye bathi ubenze basheshe bakhohlwa nguHappy Jele oshiye kuleli qembu ekuqaleni kwesizini.

USibisi akungabazeki ukuthi uyogcina engukaputeni kuleli qembu uma ehubeke nokuyibamba ngale ndlela aqale ngayo.

“Ngisheshe ngajwayela, kusemnandi kakhulu. Ngafika lapha, ngadlala umdlalo wami wokuqala ngaqokwa njengoMdlali oVelele.

“Emdlalweni wami wesibili ngashaya igoli. Yingakho ngithi kusemnandi kakhulu lapha futhi ngijabule kakhulu impela,” kusho uSibisi kuleli viki.

Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro ubukeka esazama ukuthola iqembu azodla ngalo abantu njengoba elokhu ebashintsha abadlali.

Kodwa uBhodlela yena uhlezi ekhona eqenjini eliqala imidlalo. Uthi akubalulekile ukuthi uboshelwe nobani uma nje bezowenza umsebenzi.

“Ngicabanga ukuthi sidlala ngokuzwana sonke, akunankinga ukuthi ubani odlalayo ngalelo langa,” kuchaza le nsizwa emnyamana ngebala.

FUNDA NALA: UMokwena uphika ekaMashego obonakale ngaseChloorkop

“Cishe sewuke wabona ukuthi sengiboshelwe no(Olisa) Ndah, (Tapelo) Xoki no(Innocent) Maela… akubalulekile ukuthi ngidlala nobani, uma nje lowo ewenza umsebenzi wakhe.

“Yilokho okubalulekile eqenjini. Angicabangi ukuthi ukhona engingathi ngithanda ukudlala naye ukwedlula abanye. Ngidlala nanoma ubani engiboshelwe naye ngaleso sikhathi.” I think we all gel well, it doesn’t matter who is playing. As you have seen, I have played with Ndah, Xoki and Maela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *