Ukushiya eZimnyama kumbizele isinyama uManyisa

U-Oupa Manyisa

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukudlondlobala nokuzakhela igama kunobhutshuzwayo kuka-Oupa “Ace” Manyisa, akungabazeki nakancane ukuthi kuyamaniswa nezinsuku zakhe esayithinta kamnandi kwi-Orlando Pirates.

Lo mdlali igama elithi Ace ulithole khona kwiBucs kanti abanye bebembiza ngo-Iniesta. Ukuteketiswa ngala magama bekumfanele uManyisa ngoba ubedlala ibhola elineNkosi phakathi, nokwenze ukuthi angasali uma kubizwa abadlali kwiBafana Bafana.

KwiPirates uManyisa ufike ngo-2008 waze washiya ngo-2017 esedlale imidlalo engu-270, washaya amagoli angu-27. Ngemuva kokuhlala amasizini ayisishiyagalolunye kweZimnyama, uManyisa ube esenquma ukuyobhekana nenselelo entsha kwiMamelodi Sundowns.

Ngaphandle kokuthi ushiye kwiBucs engukaputeni futhi yonke into imhambela kahle, akwehlanga kamnandi kubalandeli beqembu ukuthi ujoyine izimbangi iSundowns. Lokhu bebekusho ngokungananazi ezinkundleni zokuxhumana futhi kwavele kwacaca ukuthi uzikhiphile kubalandeli beBucs.

Ngebhadi lakhe uManyisa izinto zifike zangahamba kahle kwiDowns ehluleka ukuzibekisela indawo eqenjini eliqala imidlalo. Lokhu bekungenxa yokulimala obemhlasela kuphindelela, kanti ngaphezu kwalokho bekukukhulu ukuncintisana kuBafana Ba Style.

Kubukeka sengathi isinqumo zikaManyisa sokuya kwiDowns sambangela amabhadi kakhulu njengoba noma eseluleme ubengasadlaliswa esebonakala ehleli le kude nezihlwele emidlalweni. Lokhu kushiye imibuzo eminingi mayelana nekusasa lakhe kodwa abaqeqeshi beDowns bebengaphumeli obala.

Ekugcineni udedeliwe kwiSundowns ngemuva kwamasizini amathathu angabanga mahle ngenxa yokungasitholil isikimu. Ubesadlale imidlalo embalwa kumaBrazilians.

Ujoyine iTshakhuma Tsha Madzivhandila (esibizwa ngeMarumo Gallants) nakhona wafike wangadlala nowodwa umdlalo wase ededelwa ngemuva kwenyanga eyodwa nje vo.

Leli qembu likhale ngokuthi uManyisa ubehola imali enkulu kakhulu nokuyikona okwenze ukuthi limdedele. Ube esesayina kwiChippa United ngasekupheleni kwesizini ka-2020/2021.

Kuphinde kwangahlangana nakwiChilli Boys egcine imdedelile nayo. Kube sekuvela amahlebezi angazange aqinisekiswe ukuthi uManyisa unenkinga yokulimala engeke isalungiseka edolweni lakhe.

Ukhethe ukujoyina iqembu leGladAfrica Chamionship iPlatinum City Rovers. Kuleli qembu akufani ngoba uyadlala uManyisa yize abanye bengazi nokuthi usalidlala ibhola elikhokhelayo.

U-Aschwin Sutton oqeqesha iRovers uke wacashunwa ethi uManyisa uyisibonelo esihle kubadlali beqembu abasebancane futhi uyazinikela kakhulu. Nokho ukucacisile ukuthi isikhathi esiningi ungena esuka ebhentshini ngenxa yokungabi fithi ngokwanele.

Eminyakeni engu-33 anayo uManyisa akubukeki engabuyela ezingeni lakhe elamenza wabizwa ngo-Ace esayibamba kwiPirates. Ukushiya kwakhe kwiBucs kuhambisane namabhadi ekusaseni lakhe ebholeni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.