“Ukusisabisa kwabalandeli beSimba kusiza iChiefs,’ kusho uMphahlele

Abadlali beKaizer Chiefs
UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE: TWITTER

Ifice ilindwe yinqwaba yezintatheli esikhumulweni sezindiza eTanzania iKaizer Chiefs, kanti nasendleleni ebheke ehhotela beyihlangana nabalandeli beSimba SC. Amakhosi akuliya lizwe nje ayodlala umdlalo womlenze wesibili kwiCAF Champions League esigabeni somkhumulajezi.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zihamba phambili ngamagoli amane ngaphambi kwalo mdlalo oseBenjamin Mkapa National Stadium eDaar es Salam ngoMgqibelo ntambama. Iwine ngo 4-0 eFNB Stadium ngempelasonto edlule.

Isitobha seChiefs, uRamahlwe Mphahlele uthi abalandeli beSimba bazame konke ukubathusa. Uthi abalandeli bebelokhu bebakhombisa ngezimpawu zesandla ukuthi bazobola yinduku. Kodwa uMphahlele uthi lokhu kusiza bona.

“Sifike sekuhlwile ngoLwesine. Ngiyayazi iTanzania iyizwe elihle, ngiyazi nangobudlelwano obuhle esinabo nayo. Ngathi sisekhaya,” kusho uMphahlele.

“Sekuvele kuyezwakala ukuthi kunomdlalo omkhulu ozayo. Uyabona ukuthi bayazi bazodlala neqembu elihle. Bayalithanda ke iqembu labo lapha. Iningi labantu balana bangabalandeli beSimba.

“Abanye bebesikhombisa ngezandla ukuthi bazosibhaxabula ngamagoli amathathu, abanye bethi amane. Kuzoba nzima. Sebeqalile ukusithumelela umlayezo wokuthi ngeke kube lula.

“Kodwa ke kuhle lokho ngoba kumele singakhohlwa esikuzele lapha. Sinomsebenzi onzima okumele siwenze. Ngesikhathi sesisendleleni ebheke ehhotela bese kuhlwile kodwa besibabona abalandeli bememeza nezimoto zipipiza…

“Wumqhudelwano omkhulukazi lo e-Afrika uma kukhulunywa ngebhola. Kudlala amaqembu aphambili ezwenikazi. Sabhekana nesimo esifanayo nase-Angola. Abantu bakhona babesisabisa bethi sizobola yinduku, futhi ngeke nje sishayele iqembu labo ekhaya. Yinto esesiyijwayele le.”

Kucacile okuyelwe Amakhosi eTanzania, ngokusho kukaMphahlele: “Siphushela ukungena emaqenjini amane okugcina kulo mqhudelwano. Siyazi sibhekene neqembu elikhulu futhi kuzobe kugcwele nasenkundleni.

“Sesithola nemilayezo ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi bayeza enkundleni futhi ngeke nje silithinte iqembu labo bekhona. Kodwa konke lokho yizinto ezenzeka le ngaphandle (kwenkundla). Thina sigxile kwesikuzele lapha.”

ISimba ivunyelwe yiCAF ukuthi ivumele abantu abangu-10 000 ukuba bangene enkundleni ukuzobuka bukhoma lo mdlalo.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.