Ukuthathe njengenselelo ukusala ngaphandle kwiBafana uDube

Ukuthathe njengenselelo ukusala ngaphandle kwiBafana uDube
U-Austin Dube
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Akumdumazanga ukushiywa ngaphandle kwiBafana Bafana u-Austin Dube weKaizer Chiefs kodwa kumfake umfutho ukuthi aqinise ukuze abuyele kuleli qembu.

UDube ubengomunye wabadlali ababonakala ezothembela kubo umqeqeshi weBafana uHugo Broos kodwa wamshiya ngaphandle eqenjini aliqokele imidlalo ne-Ethiopia kule nyanga.

Kwathusa abaningi ukushiywa kwakhe kwazise ubeseqalile nokubonakala kwiChiefs ekubeni ekuqaleni wayemqoke yize ebengakadlali kuleli qembu laseNaturena.

Nokho uDube akakuthathanga kabi ukusala kwakhe ngaphandle, kunalokho ukubone kuyinselelo okumele abhekane nayo.

“Ukusala ngaphandle kwiBafana kunginike isizathu sokuthi ngisebenze ngokuzikhandla okuphindiwe ukuze ngibizwe kwikhempu elandelayo,” usho kanje uDube kuleli sonto.

“Kumele ngisebenze kanzima ukubuyela eqenjini lesizwe, bese ngiphinde ngisebenze kanzima ukuze nithole ijezi uma sengiqokiwe.

“Yilokho engizokwenza. Kungifake umfutho wokuthi ngizikhandle kakhulu kunakuqala,” kuchaza lo mdlali wasemuva olinxele.

UDube uzophinde athole ithuba lokukhombisa uBroos ukuthi yini angamenzela yona kwiBafana uma iChiefs seyibhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership.

FUNDA NALA: Usale enconcoza uMCarthy aboSuthu bemvezela lento ayifunayo

Lo mdlalo useLucas Moripe Stadium ngeSonto ngo-5 ntambama. UDube uthe lo mdlalo bengawuwina uma bengaqhubeka ngendlela abenze ngayo beshaya iChippa United emdlalweni odlule.

Imimoya iphezulu ekhempini yeChiefs njengoba bakwazi ukubukisa ngeChippa beyibhaxabula ngo 4-0 nje.

Kubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi ngabe sebewutholile yini umgqigqo nokuthi bazowugcina yini.

ISuperSport United nayo isefomini enhle kule sizini njengoba kuseyiyo neRoyal AM ababonakala behubha iMamelodi Sundowns eqengqelezayo nakule sizini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.