UKutumela ugcine ehambile neBafana yize ebeseke wasolwa

UKutumela ugcine ehambile neBafana yize ebeseke wasolwa
UThabiso Kutumela
UDABA: OKaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

“UKutumela ulapha, asimkhiphanga eqenjini.” Usho kanje umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngoLwesine.

Ukhuluma ngoThabiso Kutumela nje yingoba ubeke wamgxeka wasola neMamelodi Sundowns ngokumhlele aukuba ayogoma ngoMsombuluko.

UBroos usole lesi senzo seSundowns ngokuthi siyisandla semfene ngoba ingamfiseli ukuba aphumelele kwiBafana.

ISundowns beyihlelele lo mdlali ukuba ayogomela ukuvikela iCovid-19 edla lubi nokugqigquzelwa ukuthi ijovelwe.

“Ngakusho kwacaca ukuthi njengoba esanda kujova nje kunengozi yokuthi kube nokumgulisa (okwenzeka kwingcosana esanda kugoma).

“Ezinsukwini ezimbili uma usanda kugoma kuyenzeka ube nezinkinganyana zokungaphili kahle – ungaba nomkhuhlanyana noma ukwehlele.

“Benginexhala, kodwa uhlalile nathi ekhempini futhi sesingasho ukuthi amathuba okuthi abe nenkinga awasekho.

“Akukho la engathi khona siyamkhipha uKutumela eqenjini, ngathi kungenzeka aphazamiseke uma eba nezinkinga eziwumxhantela wokugoma.

“Ubejima neqembu kungenankinga futhi kumanje nje uhamba nathi ukuya e-Ethiopia,” kuchaza uBroos.

IBafana iyobhekana ne-Ethiopia emdlalweni wokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo eQatar.

FUNDA NALA: Siveza isizathu esenze uMosele wangaya kwiBafana

UBroos uthi ujabule ngakubone ngesikhathi bezicija futhi unethemba lokuthi bazobuya nomphumela omuhle.

“Ngicabanga ukuthi sesiwulungele umdlalo. Sijime amahlandla amabili (ngoLwesithathu) futhi besigxile kumacebo omdlalo.

“Uma ubona indlela abenza ngayo ejimini uyakubona kalula ukuthi sebekulungele ukudlala.

“Kuyenzeka kungahambi kahle ejimini bese uba nexhala kodwa akwenzekanga lokho lapha.

“Ekuseni (ngoLwesithathu) besigxile kumacebo okuvala emuva kwathi ntambama sabheka awokuhlasela.

“Esifuna ukukwenza ngoMgqibelo kwenzekile ejimini sesobona khona emdlalweni ukuthi kuyenzeka yini.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.