Ukuwa kweChiefs nePirates ukufadalala kwebhola kuleli: uDlangalala

Ukuwa kweChiefs nePirates ukufadalala kwebhola kuleli: uDlangalala
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Ukhala ngokuphelelwa wushatini kwamaqembu amakhulu eseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates umqeqeshi osemkantshubomvu, uZipho Dlangalala.

Okukhalisa lolu qweqwe lomqeqeshi ukuthi sekwasala igama nje kula maqembu kwazise ayehluleka nokuzibekisela indawo emiqhudelwaneni ebalulekile.

Asevele asheshe aliwashe ijezi emiqhudelwaneni yomkhumulajezi efana neMTN 8 neNedbank Cup.

“Uma uhlanganisa lezi zinkunzi zaseSoweto (iChiefs nePirates) uphuma okungasenani no-60% wabantu abazifelayo ngebhola kuleli.

“Kuyohlale kunzima ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika liqhubekele phambili uma abantu abaningi kangaka besele ngaphandle,” kusho uDlangalala.

“Lokhu kuhlala obala (ngokuthi abalandeli bangabi nandaba) uma kudlalwa imidlalo yemikhumulajezi lapho la maqembu esuke engekho khona.

“Umdlalo nje wokugcina okucacile kuwona lokho owamanqamu weMTN 8.”

NgoMgqibelo iChiefs nePirates bebebhekene emdlalweni weDStv Premiership lapho kuwine khona Amakhosi ngo 2-1.

UKeagan Dolly uyena oshaye amagoli amabili awinise iChiefs kulo mdlalo kanti elinye bekuyiphenathi.

Ngabe lokhu akwanele kubalandeli bala maqembu?

“Wonke amaqembu adlala ibhola elikhokhelayo, ngisho nalawa ama-amesha, anesandla ekutheni ibhola laseNingizimu Afrika liye phambili.

“Nokho akukho ukungabaza ukuthi iChiefs nePirates banendima enkulu kakhulu okumele bayidlale,” kusho lo mqeqeshi.

“Ukungenzi kahle kwala maqembu kulishonisa phansi kakhulu ibhola laseNingizimu Afrika.

“E-Egypt kukhona i-Al Ahly neZamalek, kanti eSpain kukhona iReal Madrid neBarcelona.

“EBrazil baneFlamingo, Fluminese, Santos neSao Paulo. EGermany bashaya ngeBayern Munich neBorrusia Dortmund kanti eFrance banePSG neLyon.

“Ungaqhubeka nakwamanye amazwe ubale. Isisombululo lapha ukuthi lezi nkunzi zaseSoweto zibuyise usikompilo
nemvelaphi yebhola lazo.

“Lapha ngibala ukuqokwa ngendlela kwabadlali nabaqeqeshi kuzo zonke izigaba.

“Kumele badlale ibhola abebelokhu baziwa ngalo kuyo yonke le minyaka.”

FUNDA NALA: UZuma umisiwe kwiChiefs ngenxa yophuzo

Okushiwo uDlangalala kuyiqiniso elimsulwa. Nokho abanye bazozibuza ukuthi ngabe ukudlondlobola kweMamelodi Sundowns akulisizi kangako ibhola leseMzansi?

“Njengoba iSundowns idlondlobala kuze kube yimanje, likhona ithemba lokuthi uma iqembu elithile noma amabili ebhukula nawo, ibhola laseNingizimu Afrika lingaba ngcono,” kuphetha yena.

UDlangalala useke wasebenza kwiPirates nakwiSundowns njengomqeqeshi ngakho uyazi ukhuluma ngani.

Ugcine ukusebenza njengomqeqeshi kwiTS Galaxy ngaphambi kokuthi iqashe u-Owen da Gama, naye ongasekho kuleli qembu likaTim Sukazi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.