Ukuwina kuphela okubusa umqondo kaZwane ohola iChiefs empini yokugcina

U-Arthur Zwane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Efika kwiKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane wadonswa indlebe ngesiko laleliqembu lokuwina. Ngaleso sikhathi wayengumdlali, futhi wakwenza okufanele ukusiza iqembu liqhube leli siko.

Manje njengoba esebekwe njengomqeqeshi obambile kuze kuphele le sizini, uZwane uzoqhubeka kulo leli siko. Unikwe lesi sikhundla ngemuva kokuxoshwa kukaGavin Hunt ngoLwesihlanu olwedlule. Uthi akukho okuningi azokwenza kule midlalo emibili esele kwiDStv Premiership, kodwa uzokhumbuza abadlali ngaleli siko.

Kuvele ke asisekho isikhathi sokuthi angajika izinto eziningi njengendlela yokudlala namaqhinga. Amakhosi ame kabi kwilogi njengoba uma engashelela kanye nje, engazithola esesengozini enkulu yokudliwa yizembe.

“Leli qembu langifundisa ngokuwina. Ngesikhathi ngifika ngingumdlali, kwakubekwe phambili ukuwina,” kusho uZwane. “Akukho okuzojika lokho. Umqondo wami awukajiki. Manje sengibheke ukufaka lowo moya kubadlali, ngibaphushe ngibagqugquzele ukuqinisekisa ukuthi sithola amaphuzu agcwele kule midlalo esele,” kuchaza uZwane.

“Sisesimweni esingesihle. SIdinga ukuwalwela amaphuzu. Besingezi kahle. Kodwa ke linjalo ibhola – uyawina kweminye imidlalo, kweminye uhlulwe. Ngebhadi ke, manje sisesimweni la sidinga khona amaphuzu agcwele.

“Sibacijile abafana futhi benze kahle ejimini, futhi babukeka bewubheke ngabomvu umdlalo.” Kwi-Arrows, Amakhosi abhekene nomdlalo onzima kwazise ihambela phezulu kule sizini.

Abafana Be’sthende bahlezi endaweni yesithathu kumanje futhi sebebheke ukuqeda kuyo le ndawo ukuze bake bazoyihlola nezingqongqo zase-Afrika kweyeCAF ngesizini ezayo. Kodwa uZwane uthi ngeke bayibuke i-Arrows, bazoyigijimisa nabo.

“Siyiqembu siwulungele umdlalo. Ebholeni into ephambili imiphumela kuleli zinga. Ngakho ke, ya sithemba ukuqoqa amaphuzu agcwele, sikusebenzise ukuthi sisekhaya. Sizobahlasela, sizodlala ngaphandle kokusaba.

“Siyazi sibhekene neqembu elihle kakhulu elinabadlali abahle futhi abanomjiko osheshayo… banohlaka lokudlala oluhle, nomqeqehsi omuhle. Ngeke kube lula, kodwa nathi ngeke sibayekele.

“Umdlali ozobe engekho nguSiyabonga Ngezana ngenxa yokuthi usamisiwe. UNurko (Samir Nurkovic) ubegula akangakwazi ukudlala emdlalweni wethu odlule. Kodwa useluleme yize singenasiqiniseko sokuthi engawudlala wonke umdlalo, uma ekwazile sizokubonga lokho,” kuchaza uZwane.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.