Ukuwina kweyeligi kuvuthele umlilo kubadlali beChiefs, kusho uCardoso

UBHALWE: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uncoma ukuvunguza komoya wethema ekhempini yeKaizer Chiefs uDaniel Cardoso. Lo mdlali ongomunye wasebenesikhathi bekuleli qembu kodwa ongakaze awine lutho nalo, uthi ukuwina kwabo imidlalo emibili yokugcina kwiDStv Premiership kujike izinto.

IChiefs yajika esikhaleni kade ibonakala ibheke ezembeni, yalwisa okwengwe elimele ishaya iGolden Arrows neTS Galaxy belandelana ukuze igcine ingenile kwiTop 8. Akukhona nje kuphela ukuthi yawina, kodwa indlela abadlali abakhombisa ukuzinikela ngayo yikho okwadonsa kakhulu amehlo.

Lokhu kwenzeka nje bekusanda kudedelwa obengumqeqeshi uGavin Hunt ngenxa yakho ukugqoza kwemiphumela nokungezwani nabanye babadlali nabaphathi.

“Isimo sihle kakhulu eqenjini njengamanje,” kusho uCardoso. “Siyiwinile imidlalo yeth emibili yokugcina kwiligi futhi lokho kuvuthele umlilo kithi.

“Ukuthola leya miphumela eyasifaka kwiTop 8 kusikhululile emiqondweni ngoba sesizobhekana nalo mdlalo ozayo singakhathazeke ngalutho,” kuchaza yena.

IChiefs iseMorocco la iyobhekana khona neWydad Athletic emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League. Lo mdlalo uzoba seStade Mohammed V, eCasablanca ngoMgqibelo ebusuku.

“Sizobhekana neqembu elihle kakhulu. Balikhombisa izinga labo ngesikhathi besishaya ekuhambeni (esigabeni samaqoqo iChiefs yahlulwa ngo 4-0). Kodwa sabashaya nathi ngo 1-0 sesisekhaya.

“Sizoya kulo mdlalo imiqondo ikhululekile… sizilungiselela leli qembu esadlala nalo ekuhambeni. Siyazi ukuthi abafikanga neqembu eliqinile ngesikhathi sebeza eNingizimu Afrika ngenxa yokwesabela iCovid-19.

“Kuyinselelo eqinile impela khona, kodwa seibafunde kahle/ Siyakwazi okumele sikulindele kubo,” kuchaza uCardoso.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *