Ukuwina – yilokho kuphela okudingwa yiBafana kwiZimbabwe

Ukuwina - yilokho kuphela okudingwa yiBafana kwiZimbabwe
UHugo Broos
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ngokwesimo ekusona iBafana Bafana kulula nje okumele ikwenze uma isibhekene neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar – ukuwina.

La mazwe azotholana phezulu emdlalweni obaluleke kakhulu kwiBafana eFNB Stadium ngoLwesine ngo-9 ebusuku.

Ukuwina kweBafana lapha kuzobe kusho ukuthi izobe isizibeke ebuhleni uma kukhulunywa ngokuzibekisela indawo eQatar ngo-2022.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos ukholwa wukuthi ngeke kube lula ukudlala neZimbabwe yize izobe iqeqeshwa umqeqeshi omusha.

IZim seyiqeqeshwa uNorman Mapeza oke wacija iChippa United kanti wake wadlala nasemaqenjini ehlukene kuleli.

INingizimu Afrika neZimbabwe bake batholana phezulu emdlalweni wokuqala owaphela ngo 0-0.

Njengamanje akukho ekudlalelayo iZim ngoba ngeke isakwazi ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.

Ngakolunye uhlangothi iBafana izihola phambili ngamaphuzu angu-10 eqoqweni layo.

“Bebelokhu beshintsha abaqeqeshi kodwa ngemuva kokubuka imidlalo yabo akukho okushintshile ngendlela abadlala ngayo,” kusho uBroos.

“Iqembu esizodlala nalo ngoLwesine lizobe lihlukile kulelo esidlale nalo ngesikhathi kuqala imidlalo yokuhlunga.

“Sizobona ukuthi bazodlala kanjani kodwa into ebalulekile ukuthi thina ngabe sizodlala kanjani.”

UBroos bekungumdlalo wakhe wokuqala esihlalweni seBafana ngesikhathi ibhekene neZimbabwe ekuhambeni.

Nokho ngemuva kwalokho iBafana idlale kahle kakhulu iqoqa amaphuzu ayishigalombili kwi-Ethiopia (eyishaye kabili) neGhana.

“Sidlale ngokwenelisayo sibhekene ne-Ethiopia (emdlalweni wokugcina) yize singadlalanga kahle.

“Sizabalazile futhi sizwe kahle sibhekene ne-Ethiopia. Wonke amaqembu afuna ukuwina ngoLwesine futhi ngeke kube lula.

“Ngilethembile kakhulu iqembu lami, bakukhombisile lokho emidlalweni emine edlule,” kuphetha uBroos.

FUNDA NALA: UKekana neSundowns sebehlukene okwangempela

I-Ethiopia neGhana badlale ngokulingana ngo 1-1 emdlalweni obuse-Orlando Stadium ngoLwesine emini.

Lo mdlalo udlalelwe kuleli ngokwesicelo se-Ethiopia kwazise inkundla yayo ekhaya iFifa isithe ayikulungele ukudlalelwa le midlalo.

Lokhu kusho ukuthi uma iBafana iwinile kwiZimbabwe iyobe seyidinga ukudlala ngokulingana kwiGhana ukuze idlule kulesi sigaba sokuhlunga.

Amaqembu azoqeda phezulu emaqoqweni awo azophinde aqhathwe wodwa bese kuphuma amahlanu aya eQatar.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.