Ukuzikhandla komdlali ngamunye kubonakala ngomphumela, kusho uZulu weChiefs

UPhilani Zulu

OKADONGA GUMBI

UPhilani Zulu uthi uhlezi ewakhipha wonke amangwevu akhe uma kwenzekile wanikwa ithuba lokudlala kwiKaizer Chiefs ngoba yilokho okubhekwe kumdlali ngamunye futhi yikho okulawula umphumela.

Uma kukhona umdlali owagodlayo awakhe amandla, umphumela uyakusho lokho, kanjalo noma bezikhandla bonke, kuyacaca.

Yingakho ke lo mdlali oneminyaka engu-28 waseMgungundlovu ehlezi ezinikela futhi ezikhandla uma esenkundleni.

“Kuba mnandi uma ngithola ithuba lokudlala, futhi ngiyazama ukulisebenzisa ngendlela efanele.

“Lokho angikwenzeli mina nje kuphela, kodwa ngikwenzela iqembu ngoba ukuzikhandla komdlali ngamunye kunomthelela kumphumela otholwa yiqembu,” kusho uZulu.

UZulu udlale ngendlela egculisayo ngesikhathi Amakhosi emangaza iMamelodi Sundowns ngenduku ka 2-1 emdlweni weDStv Premiership ngempelasonto edlule, uthi lo mphumela sewubuyise umdlandla eqenjini.

“Ukuwina kwiSundowns kuyinyusele kakhulu umdlandla thina njengabadlali ngoba siye kulo mdlalo kungekho muntu osibona sinethuba lokuphuma nomphumela ovuna thina.

“Lokhu kuyakhombisa ukuthi sinethuba nokuzimisela ngokukusebenzela ukuthola iwini,” kusho yena

“Kusisizile kakhulu kwenyusa ukuzethemba ngale ndlela yokuthi asisafuni ukujika kule ndlela esesingene kuyo.

“Sesiwuzwile umuzwa wokunqoba emdlalweni obalulekile, kanti lokhu kwenzeka nje vele yonke imidlalo esisalele obalulekile.

“Ngakho sizlya kuyo ngomuzwa nokuzimisela okufanayo ukuze siqhubeke nokuthola imiphumela ejabulisayo.”

Uthe ngeke bagxile kulo mdlalo abawunqobile kodwa bazothatha okuhle kuwo baye nakho olandelayo, bese belungisa amaphutha.

Amakhosi azogadulisana neChippa United eFNB Stadium ngoLwesithathu ntambama.

UZulu uthi uma bengaya kuwo ngalo mdlandla abaye ngawo koweSundowns, nakanjani bengaphuma namaphuzu agcwele.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *