Ukuzwana kwabadlali yikho okwenza iSundowns ingozi, kusho uDe Reuck

Ukuzwana kwabadlali yikho okwenza iSundowns ingozi, kusho uDe Reuck
URushine De Reuck
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukuxhumana nokuzwana kwabadlali beMamelodi Sundowns ngisho bengasekho emsebenzini yikho okwenza leli qembu libe bukhali ngale ndlela eliyiyo.

ISundowns seyiqalile ukufaka amanzi emadolweni emaqenjini amaningi yize isizini isenemidlalo emihlanu kuphela edlaliwe.

Yiyo esigqume yahlala esicongweni selogi yeDStv Premiership njengoba ingakashaywa nje kule sizini.

Nasemagolini ayidedeli njengoba yagcina ukungenelwa yigoli ibhekene neGolden Arrows emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN 8.

Emidlalweni emihlanu edlule ayingenelwanga goli, yabe seyishaya ayishumi wonke njengoba izihubuluzela nje.

Umdlali wasemuva uRushine De Reuck uthi ukuzwana kwabadlali beSundowns akugcini nje enkundleni kuphela yingakho bedlala kahle nje.

“Siyaziqhenya ngendlela esenza kahle nagyo emuva,” kusho lo mdlali oqale ukuvelela kwiMaritzburg United.

“Kodwa kuqala ekutheni siyazwana noma singasekho enkundleni. Lokho kuyabonakala nasenkundleni.

“Siyakwazi okulindeleke kithi njengoba sidlalela iqembu elikhulu kangaka nje.

“Siyazi ukuthi uma singangenelwa goli, amathuba okuwina abamakhulu. Sidinga ukuqhubeka nokuzikhandla nje.

“Akusithina kuphela njengezitobha – kodwa nabanye abadlali nonozinti bayasiza ngakho kumele kunconywe wonke umuntu oseqenjini.”

Iqembu elilandelayo kwiSundowns yiSwallows FC ephuma esibhaxwini esibi sika 4-0 kwiMTN 8 phakathi neviki.

La maqembu azogadulisana eLoftus Versfeld ngeSonto ntambana emdlalweni uDe Reuck athi ngeke ube lula.

“ISwallows iyiqembu okunzima ukudlala nalo. Ayingenelwa amagoli kalula. Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu.

“Kuzoba yinselelo kithi ukubagqekeza emuva nokuthi sakhe amathuba. Kodwa ngiyazi ukuthi uma sizinikela, sizowuthola umphumela.”

FUNDA  NALA: Iyathimulisa ke kodwa eyokusheshe kuxoshwe abaqeqeshi kuleli

Ngokushaywa kwSwallows kanzima yiCape Town City phakathi neviki, uDe Reuck uthi akumele bagxile kukho.

“Bekuwumdlalo womkhumulajezi futhi babonakale bexakeka ngemuva kokungenelwa yigoli lokuqala.

“Kodwa manje sekungumdlalo weligi, wehluke kakhulu. Thina sidinga ukuwunqoba lo mdlalo ngoba kubalulekile ukuthi siye ekhefini leFIFA sihambela phezulu.”

Ikhefu leFIFA lokulungiselela nokudlwalwa kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba liqala ngoMsombuluko ozayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.