UKwanda ube neshwa lokunqwamana nomqeqeshi onenxa naye kwiBucs

UKwanda ube neshwa lokunqwamana nomqeqeshi onenxa naye kwiBucs
UKwanda Mngonyama osanda kudedelwa yi-Orlando Pirates
Alfred Ngubane 

Kuvela ukuthi uKwanda Mngonyama ube neshwa lokuthi aficane nomqeqesho onegqubu naye kwi-Orlando Pirates.

Lokhu Impempe ikuhletshelwe ngomunye wabasondelene nalo mdlali kodwa ocele singamvezi ukuze engasolwa ngokufafaza izindaba bese bembalekela.

“U(emgagula ngegama lo mqeqeshi) nguye osolwa ngesihlava sokuxabana nabadlali kwiPirates okukhona kubo uKwanda Mngonyama.

“Bake bathusana naye kwasweleka ozogadla kuqala ngesikhathi,” kubeka lo mthombo oveze nokunye lo mqeqeshi akwenzayo okungalungile.

UKwanda ube ngomunye wabadlali abakhonjwe indlela kwiPirates yize ebesahlale isizini eyodwa futhi engalitholanga nethuba elanele lokudlala.

Lo mqeqeshi, esingeke simdalule okwamanje  usolwa nangokuxabana nanozakwabo abebeqeqesha naye ngokubambisana kwiBucs.

Nalapho kuthiwa zabhekana ngeziqu zamehlo kwashoda khona ukuthi kube khona ozidelayo adedele amavelemane.

“Unenkinga u(emgagula ngegama) ngoba akaqali ukuxabana nabantu okuyinto eyogcina imlimaza ngelinye ilanga,” kusho lo mthombo.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.